SHEILA MHLONGO
Abebhange laseStandard (Standard Bank) sebekhiphe isexwayiso besibhekise emakhasimendeni esimayelana nobugebengu obenziwa amaqola asuke ehlose ukweba izimali zabantu emabhange. Lokhu kuza emuva kokuthi sekube nezigigaba zokuthunyelwa kwemiyalezo ngama -email kanye nama sms (phishing)okukhohlisa amakhasimende nokushiye iningi lawo lisezinkingeni zemali kanye nengcindezi ngokomqondo ngenxa yokulahleka kwezimali zawo amakhasimende.
USolwazi Athaly Khan waseStandard Bank, onguchwepheshe kwezokukhwabanisa, uthi lezi zikimu ziba nobuchule obukhulu njengoba abakhohlisi beqhubeka nokusebenzisa izindlela ezintsha zokudunga abantu ukuze baveze imininingwane yabo ebucayi. Kwesinye isikhathi, abantu baphoqwa ukuthi bathumele imali ema-akhawuntini abakhohlisi.
Izindlela ezisetshenziswa abakhohlisi:
- Izaziso ezingamanga zokungagcwalisi i-FICA: Abakhohlisi bazenza izisebenzi zebhange, bathumele ama-SMS noma ama-imeyili, bethi i-akhawunti ayihambisani nomthetho we-FICA. Bafaka ama-Link ayingozi aholela kumakhasi okungena angewona awangempela noma eziqoqa imininingwane efana nenombolo yekhadi, i-CVV noma i-OTP.
- Ukuhlukunyezwa nokufuna imali (extortion): Abakhohlisi basabisa abantu, bethi bazodicilela phansi isithunzi sabo noma badalule imininingwane eyimfihlo uma bengakhokhi imali. Baze bazenze izisebenzi ze-SARB, SARS noma amaphoyisa, bethi kukhona uphenyo oluqhubekayo.
Okufanele ukwenze uma uhlaselwe:
- Hlala uzolile ungasheshi ukuthatha izinyathelo.
- Ungalokothi uchofoze izixhumanisi noma uthumele imali uma ungenasiqiniseki ngemiyalezo ethunyelwe.
- Xhumana nomnyango wezokukhwabanisa webhange lakho ngokushesha.
- Hlola njalo izitatimende zakho zebhange nemakhadi esikweletu.
Iseluleko: IStandard Bank icebisa amakhasimende ayo ukuthi ahlale efundisiwe ngama-scams akamuva futhi asebenzise izici zokuphepha ezitholakala kuhlelo lwabo lokubhanga ku-inthanethi.

