Izihambeli ze-Africa day ziphakamise kakhulu ukuzazi imvelaphi yakho ekwakheni izwekazi le-Africa

ZUKISWA MTHANTI

Izihambeli ze-Africa day eDurban music school ziphakamise kakhulu ukubaluleka kokuzazi imvelaphi yakho ikhakhulukazi kwintsha yakuleli ukuze kuthuthuke izwekazi lase-Africa yonkana.Baqhakambise kakhulu ukubuyela emasisweni ekulapho umnotho wakulelizwe ulele khona, okuyinto ekade amaqhawe akulelizwe ephila ngayo. 

U Dr Nkosazane Dlamini Zuma owomunye wezikhulumi ekade zosohlwini ukhulume kakhulu ngobumbano kubantu abamnyama bakuleli, oluyisiqalo sempucuko kubantu abamnyama. “Amaqhawe amaningi akuleli angasekho asilwela aphinde asifundisa nemsebenzi okuyimpilo yokuziphilisa ukuze sikhululeke. Bayibekile induku ebandla nathi sathatha lana abashiya khona, sekukunina enisakhula ikakhulukazi abantu besifazane. Ngaphandle kokuzazi ukuthi uwubani imvelaphi yakho ngeke ufike phambili, Uma ufikile uyobe sewuphila ngaphansi kwencindezi yabantu abangabona abakuleli”

UGcina Mhlophe  okunguye owenze lolusuku lube impumelelo nezinye Izihambeli ekade zisohlwini ezifana noMnu. Linda Mbonambi ongumphathi we-ABM umphathi wenhlangano elisizo kakhulu emphakathini ekufakeni exhaso kwabalidingayo nasezikoleni zomphakathi.U-Mrs Mathabo Kunene ongumsunguli weMazisi Kunene Foundation Yena uphakamise kakhulu ukuthi intsha kumele ibe necebo lokuziphilisa ukuze kuzothuthuka I-Africa yonkana.

Osonkondlo nabaculi ekade bekhona kulolusuku babonise amathalente abo, becula kakhulu imiculo yakudala besikhumbuza amaqhawe akudala omzabalazo. Abenza umsebenzi wezandla benze lolusuku lube intokozo ngokubonisa imisebenzi yabo abantu bakuqala ekade bephila ngako.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *