Sishayelwe ihlombe isenzo sikaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali

Esithombeni uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, amaKhosi kanye nabahleli bomcimbi weNgoma okuhlanganisa namaCiko

SHEILA MHLONGO

Sishayelwe ihlombe isenzo sikaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ngokuba ingxenye yeNgoma KaZwelonke. UShenge umemezele ukuthi umnyango wakwa Cogta uzokweseka Ingoma Kazwelonke ezokuba ngoMhlaka-21 June eThekwini, esithangamini sabezindaba lapho bekuzokwethulwa khona izinhlelo zengoma ngabahleli bayo kanye nama ambassadors.

UShenge obehambisana neNkosi uShinga enguSihlalo wamaKhosi, uthe Ingoma ingeyamakhosi, ngakho umnyango ubone kukuhle ukuba yingxenye yokugqugquzela ubumbano kanye nokulwisana nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

Abahleli bomcimbi kanye nabagqugquzeli okubalwa uMhleli uXolani Mcineka, Amaciko uGadla Nxumalo, Bahubhe Mkhize  noKhuzani Mpungose  bathe ukufezeka kwephupho ukubona umnyango uxhasa lomcimbi. Bazwakalise ukubonga kuShenge kanye nasemnyangweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *