Kunesidingo sokubuyekezwa kabusha amakolishi angama-TVET ukuze kubonakale kangcono iqhaza lawo

SHEILA MHLONGO

IPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme nezokuQeqeshwa, uDkt Mimmy Gondwe, usephakamise ukuthi amakolishi angama-TVET abuyekezwe kabusha (rebranding) ukuze abonakalise kangcono iqhaza lawo ngokuphelele.

Ekhuluma kwi-Education World Forum e-UK, uGondwe uthe ukufunda kwezobuchwepheshe nokusebenza kufanele kwenziwe kube yindlela yokuqala yokufunda entsheni. Uveze ukuthi kuleli, ama-TVET namakolishi omphakathi avame ukuthathwa  njengendawo engabalulekile ukwedlula amanyuvesi.

Uphinde wagcizelela ukubaluleka kokubambisana phakathi kukahulumeni nemboni ezizimele (public-private partnerships), ukuze abafundi bathole amathuba emisebenzi noma baqale amabhizinisi abo.

Ngokwesifundo e-UK, uGondwe uvakashele iRichmond upon Thames College eLondon, lapho ethole khona ukuqonda ngendlela amakolishi ezobuchwepheshe asebenza ngayo futhi asebenzisana khona nezimboni ukuze kuqinisekiswe ukuthi abafundi bathola amakhono adingekayo emnothweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *