Ivuse ugqozi ingqungquthela yabaphathi bemisebenzi kuMasipala weTheku

SHEILA MHLONGO

Ubungcweti, ubuqotho kanye nokuzibophezela kube  seqhulwini emhlanganweni we-Supervisory Development Summit kaMasipala weTheku, obekuhloswe ngawo  ukuvala igebe elikhona kuphinde kuqiniswe umsebenzi  wokuhanjiswa kwezidingo zomphakathi. Ukusingathwa kwalengqungquthela  kube  igxathu elibalulekile ukuze  kucijwe   abaphathi  beminyango ehlukene ngolwazi  oluzokwenza ukuthi baqhube kahle umsebenzi wabo wokuhambisa izidingo zomphakathi.

Kulengqungquthele bekuhlangene  izikhulu eziphezulu, abaphathi beminyango ehlukene  abebevela  kuMasipala ngenhloso yokubheka izingqinamba ezijulile zokungasebenzi kahle nokubheka isu elisha lokuzibophezela, ukubambisana, kanye nokuziphucula okuqhubekayo.

UMphathi weDolobha laseThekwini, uMnu. Musa Mbhele, uthe lengqungquthela  ibalulekile ekuhlonzeni nasekulungiseni izimo ezingase zibambezele ukusebenza  kohlelo, oluthinta ngqo ukuhanjiswa kwezidingo.

“Imiphakathi yethu ifanelwe ubuhle kuphela. Lengqungquthela ayikhulumi nje kuphela, kodwa  iyimbizo yokuthi kusetshenzwe,” kusho yena.

UMbhele uthe umhlangano uhlose ukuqinisekisa ukuthi abaphathi bahlonyiswa  ngekhono lokuhola ngenhloso, basebenze ngobuqotho, futhi bakhe isiko lapho imiphumela ibalulekile.

 “Ukuqina kwanoma iyiphi inhlangano kusekubantwini abenza iphupho lenhlangano liphile. Kanti eqhulwini lwaleyo  mizamo kukhona abaphathi bethu abasebenza eduze nabantu, okuyibona abangamabhuloho phakathi kwecebo nenselelo, phakathi nenqubomgomo nokusetshenziswa kwayo,” Kweleka uMbhele.

Ingqungquthela ibuye yahlanganisa abaholi abanamava , kwezepolitiki , ababelane ngolwazi olubalulekile ukuze banikeze abaphathi beminyango amathuluzi okuhola ngokuqonda, nokuzibophezela emsebenzini wabo.

USihlalo wekomidi  Lezokuphathwa Kwabasebenzi, uKhansela uNkosenhle Madlala, uncome lolu hlelo, ebeka inselelo, izivivinyo kanye nobunzima uMasipala waseThekwini abhekene nabo ikakhulu emkhakheni wokuhanjiswa kwezidingo kanye nokuphathwa kahle.

UKhansela Madlala uphinde wathi uma ukuphathwa kwabasebenzi abasezingeni eliphakathi okuyinjini, inhliziyo nomphefumulo wenhlangano kunganakwa, ngeke sifeze noma iyiphi imigomo yesu yenhlangano.

Izihambeli zengqungquthela  zikhunjuzwe  ukuthi izinga eliphezulu lenhlangano likhona kuphela lapho kuqhutshwa  ngokwezimiso zeBatho Pele okuyisisekelo esibeka abantu kuqala ekuqhutshweni kwemisebenzi yomphakathi

Ingqungquthela iqinisekise ukuthi ubuhle  bokusebenza  kwenhlangano kuyafezeka kuphela uma wonke umsebenzi, kusukela ezingeni eliphezulu kuya kwabaphambili, liholwa wumgomo ofanayo wokusebenza ngokuzimisela, ubuqotho, kanye nokubeka abantu kuqala ekuhanjisweni kwezidingo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *