SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli wemukelise intsha engosomabhizinisi ngemali yokuthuthukisa amabhizinisi ayo ebivela esikhwameni se-KwaZulu-Natali Youth Fund elinganiselwa ku-R100milion, ngaphansi kohlelo lwehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali.
UNdunankulu uNtuli ubehola umcimbi wokubungazwa kwenyanga yentsha kanye nokukhumbula intsha yango-1976 eyalahlekelwa izimpilo zayo ngenxa yokuthi ilwela imfundo engcono kanye nokukhishwa kolimi lwesibhunu ezikoleni. Lomcimbi ububanjelwe eKing Bhekuzulu Hall, e-University of Zululand, ngaphansi kukaMasipala uMhlathuze ngoMgqibelo womhlaka-16 Juni 2025.
Ethula inkulumo yakhe uNdunankulu uzwakalise ukuthi umbungazo walonyaka uhlonipha umlando owashiwa intsha ka -1976, kodwa futhi ugqamisa iqhaza elikhulu elibanjwe isifundazwe ekuthuthukisweni kwentsha.
Ukuthatha igxathu eliya phambili kwezomnotho uNdundankulu ube esedlulisela ngokusemthethweni isamba sika-R100 million wamarandi entsheni engosomabhizinisi abavela kuzifundazwe ezahlukene KwaZulu-Natali. Lokhu kuyimizamo yokweseka intsha engosomabhizinisi njengoba iphinde ibambe iqhaza ekuthuthukisweni komnotho.
Eqhuba uNtuli uthe nakuba kubonakala ikhona inqubekela phambili kodwa usemkhulu umsebenzi okusamele wenziwe ukuze kuvele obala imisebenzi yentsha yaKwaZulu-Natali, Kanti intsha akukhona nje kuphela ukuthi iyahlomula kwezentuthuko kodwa nayo ibambe elikhulu iqhaza ekwakheni ikusasa elingcono.
“Intsha iyona engumgogodla wekusasa lethu. Kungenxa yamandla abo, amacebo abanawo, kanye nokuzimisela kwabo okuvuselela ithemba elisha ukukhula komnotho wethu, kanye nokudala amathuba emisebenzi.” Kusho uNtuli.
Kulombungazo wokugujwa kosuku lwentsha uNdunankulu ubehambisana nesigungu esiphezulu kuhulumeni waKwaZulu-Natali, amaLunga esiShayamthetho saKwaZulu-Natali, intsha, kanye nezinhlaka ezahlukene kuhulumeni nasemphakathini.
Ephetha uNdunankulu uNtuli, uthe iKwaZulu-Natali ithatha igxathu elikhulu ekuxhaseni amabhizinisi entsha ngenhloso yokuthuthukisa amathuba ezamabhizinisi, kuvaleke igebe elikhona lokungatholi uxhaso lwezimali kosomabhizinisi abancane. Kuloluxhaso lwentsha uhulumeni waKwaZulu-Natali uzonikeza usizo lokucija intsha ngolwazi kwezamabhizinisi, ayisize ithole izimali kanye nezimakethe, kwakheke amathuba emisebenzi, bathengelwe namabhizinisi afana neFranchise. Intsha ithole uxhaso olusukela ku-R50,000 kuze kufinyelele kuR2million wamarandi.


