SHEILA MHLONGO
Kulonyaka ka-2025 ngifuna ukushintsha indlela ebengilokhu ngicabanga ngayo mayelana ne pageantry. Ngifuna ukuba yimina futhi ngikholelwe kimina.
Kulonyaka ngihlela ukuqala isikhungo ngakithi lapho ngizofundisa izingane ezincane ezinothando loku modela khona zingazoqala ukumodela sezindala njengami, mina ngiqale ukumodela ngina-13 years, ngicabanga ukuthi ukube ngaqala ngina 6 noma 7 years ngabe ngingcono kakhulu manje kulo mkhakha. Futhi ngifuna ukufundisa abangangami ngokubaluleka kokuzilolonga ngokwasemqondweni (mental health) futhi bakhululeke baphumele obala ngamabala abo engcindezi khona sizosizana futhi sisize nabanye ngokukufaka lokhu ezinkundleni zokuxhumana ukuze nabangekho la ngakithi basizakale.
Ngingathanda kakhulu ukusebena noLanga Nsibande wase Gauteng owomunye bonobuhle abancane kodwa abadumile.
Ngonyaka ophelile ngingene ngokuzigqaja kumncintiswana wonobuhle kazwelonke uMiss World Radiance South Africa 2024, ngasebenza kakhulu ngokuzikhandla. Angizange ngizidele ngokuthi ngibuya emakhaya endaweni ebukelwa phansi yase Bizana, kepha ngasebenza ngokuyikhandla ngawuphumelela lo mncintiswano kazwelonke ngathola isicoco sokuba uMiss Junior World Radiance South Africa-2024 nokungigqugquzele kakhulu ukuthi ngiqhubeke nokumodela futhi ngikuthande, ngisebenze ngokuzikhandla. Ngonyaka ophelile ngifunde ukuthi noma yini oyifisayo, uma usebenza ngokuyikhandla ungazenyezi uyayithola. Abalandeli bami abalindele ukungibona ngikhula ezinkundleni zokuxhumana njengoba nje ngifuna ukwenza izingxoxo kumakhasi ezokuxhumana mayelana nokucindezeleka komqondo. Abalandeli bami abalindele ukungibona ngithola lecrown ka Miss Golden Heart South Africa-2025 kwi category yama junior teens ziwu 4 Okthoba 2025.
Abalandeli nabathandi bangangithola ku Facebook : Ilungile Mvimbi, Instagram:@ilungile_mvimbi khona bezozwa kabanzi ngohambo lwami luka Miss Golden Heart South Africa 2025.
Ngiyatholakala ku 0837366169 noma ku 0786975661. Ngicela abalandeli bangivotele ngokungena ku Facebook baseshe u-Ilungile Mvimbi, lapho bazothola i link ethi: https://pageantvoteafrica.com/pageants/1610/contestants/16790 Uma bengivotela kule link bazongibeka ethubeni lokuwina I Public choice title.

