
Abaculi, abaholi bomphakathi kanye nabanye ababambiqhaza bahlangane e-BAT Centre eThekwini ngoMgqibelo kuma-5th Annual KZN Namuhla Artists Awards
WALI ANELISIWE
Abaculi, abaholi bomphakathi kanye nabanye ababambiqhaza bahlangane e-BAT Centre eThekwini ngoMgqibelo kuma-5th Annual KZN Namuhla Artists Awards, lapho bekugujwa khona amakhono amasha kanye nabantu abenza umehluko emiphakathini yabo.
Lo mcimbi ubuhlelwe yi-KZN Namuhla Community Newspaper, njengengxenye yomsebenzi wayo weminyaka engu-28 wokubika nokweseka abaculi abasafufusa.
Lo mcimbi ubunengqikithi ethi “We celebrate our artists with dignity”, futhi uhlanganise abaculi abavela KwaZulu-Natal, eMpumalanga Kapa, eGauteng nakwezinye izindawo.
Umsunguli nomhleli weKZN Namuhla, uSheila Mhlongo, uthe imiklomelo ayisagcini ngokuhlonipha abaculi kuphela, kodwa isibandakanya nokubonga abantu abenze umehluko ngokuhola nokusebenzela imiphakathi yabo.
UMhlongo uthe waqala i-Namuhla Influential Leadership Awards ngonyaka odlule, ngenhloso yokuhlonipha abaholi abenza umsebenzi omuhle kodwa umsebenzi wabo ungahlonishwa noma uqashelwe ngokwanele.
Uthe lolu hlelo luqale njengendlela yokwandisa umsebenzi wephephandaba wokuhlonipha abaculi abasafufusa, ukuze kubuye kuqashelwe nabaholi abanegalelo emiphakathini.
“INyanga Yamagugu yisikhathi esifanele sokuhlonipha abaculi kanye nabaholi abagcina amasiko nezimiso zethu futhi abakhuthaza isizukulwane esizayo,” kusho uMhlongo.
Phakathi kwabahlonishwe kulo mcimbi kubalwa uMpume Chamane, owayengukhansela waseThekwini futhi enguthishanhloko eSeaview Child Development & Care Centre; uPastor Derrick Menzi Khumalo weChurch of Disability Movement; uGugu Mtshali, umsunguli we-Amaqhawe Anamandla NGO; kanye noThobile Blose, ongumshicileli nomhleli weBT News futhi ongumsunguli weMiss Muzali Beauty Contest.
Lo mcimbi ubuye waba nesikhulumi esiqavile, uPat Nkonye, onguKZN Namuhla Artist Ambassador futhi osewine le miklomelo izikhathi ezinhlanu.
UNkonyeni ukhulume ngohambo lwakhe lweminyaka emihlanu njengomncintiswano kule miklomelo, wakhuthaza nabanye abaculi ukuthi baqhubeke nokusebenza kanzima emisebenzini yabo.
UMhlongo uthe umsebenzi weKZN Namuhla uqhutshwa yisifiso sokuvulela abaculi abasebasha amathuba nokwenza isiqiniseko sokuthi umsebenzi wabo uyabonakala futhi uyahlonishwa.
“Sekuyiminyaka engu-28 sibika ngabaculi abasafufusa ngoba sinothando lokubona amakhono abantu bakule ndawo ekhula,” kusho yena.
Uphinde wathi le nhlangano izoqhubeka nokwakha ubudlelwano nabaxhasi, iminyango kahulumeni kanye nabanye ababambiqhaza ukuze imiklomelo ikhule futhi ifinyelele kubaculi nabaholi abaningi.
Umcimbi uphele ngokugubha amakhono abaculi bakule ndawo, ubuholi kanye negalelo labantu emiphakathini yabo, waphinde wagcizelela ukuzibophezela kweKZN Namuhla ekuhlonipheni abantu abenza umehluko ezindaweni zabo.

