
ISITHOMBE: Isikhulu Esiphezulu se-NHC, uDkt Thabo Manetsi, sithe ulimi, ngokwesibonelo, lungenye yezindlela ezibalulekile amagugu namasiko adluliselwa ngayo ezizukulwaneni.
SHEILA MHLONGO
INyanga Yamagugu ivamise ukuhlotshaniswa nemibala, ukudla, amasiko kanye nemikhuba eyenza iNingizimu Afrika ibe yizwe elinothe ngokwehlukahlukana kwamasiko.
Inyanga kaSepthemba iveza obala imvunulo yesintu, ukudla kwesintu kanye nemidanso edumile yezizwe ezahlukene. Nokho, amagugu esizwe adlulela kude kakhulu kunalokhu esikubona kugujwa ngale nyanga kuphela.
Amagugu aphinde abandakanye izilimi ezikhulunywa emakhaya, ulwazi oludluliselwa lusuka kwesinye isizukulwane luye kwesinye, izindawo nezindaba ezakha imiphakathi yethu, kanye namasiko aqhubeka nokukhula nokuguquka ngokuhamba kwesikhathi.
Ngokusho kweNational Heritage Council (NHC), amagugu ayingxenye ephilayo yomphakathi waseNingizimu Afrika futhi awagcini nje ngokwakha ubuwena bamasiko, kodwa aphinde abe nomthelela kwezemfundo nasemathubeni ezenhlalo nezomnotho.
Isikhulu Esiphezulu se-NHC, uDkt Thabo Manetsi, sithe ulimi, ngokwesibonelo, lungenye yezindlela ezibalulekile amagugu namasiko adluliselwa ngayo ezizukulwaneni.
“Ulimi luyindlela amagugu ethu amasiko ahlukahlukene adluliselwa ngayo ezizukulwaneni — esuka kwesinye isizukulwane aye kwesilandelayo,” kusho uManetsi engxoxweni ne-SAnews.
Ukulondolozwa kwamagugu
Inselelo enkulu ukuthi iNingizimu Afrika ingaqinisekisa kanjani ukuthi amagugu ayo ahlukahlukene awagujwa nje kuphela, kodwa ayalondolozwa futhi adluliselwe nasezizukulwaneni ezizayo.
UManetsi uthe ukulondolozwa kwamagugu kuvamise ukuncintisana nezinye izidingo eziphuthumayo ezifana nezempilo, inhlalakahle yomphakathi kanye nezemfundo.
Uthe lokhu kuholela ekutheni izinsiza zokuphatha nokulondoloza amagugu zingabekwa eqhulwini ngendlela efanele. Nokho, izinguquko ezivele ikakhulukazi ngemuva kobhubhane lwe-COVID-19 zikhombise ukuthi amagugu angasetshenziswa njengethuluzi lokubhekana nezinkinga zenhlalo nezomnotho.
Lokhu kubandakanya ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi, ukuthuthukiswa kwamabhizinisi nokukhuliswa komnotho ngezokuvakasha, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda, imboni yezobuciko nobuciko bokusungula kanye nobuchwepheshe bedijithali.
UManetsi uthe lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi ukuphathwa kwamagugu kunendima enkulu edlula ukugcina nokuvikela amagugu kuphela.
Uthe ukulondolozwa kwamagugu kufanele kusetshenziselwe nokwenza ngcono izimpilo zezakhamuzi.
“Ukulondolozwa kwamagugu nokusetshenziswa kwawo kufanele kuhambisane nemizamo yokubhekana nezidingo zenhlalo nezomnotho zesizwe, ikakhulukazi ukuthuthukiswa nokuhlonyiswa kwentsha ezweni elisathuthuka njengeNingizimu Afrika,” kusho uManetsi.
Uthe le ndlela iphinde ihehe umphakathi kanye nentsha ukuba ibambe iqhaza ekulondolozeni amagugu, ngesikhathi esifanayo ivula amathuba okuthuthuka kwezomnotho.
Imiklomelo yokuvikela amagugu
I-NHC iyisikhungo esisungulwe ngokomthetho esibhekele ukulondolozwa, ukuvikelwa kanye nokukhuthazwa kwamagugu aseNingizimu Afrika.
Olunye lwezinhlelo zayo okuhloswe ngazo ukuhlonipha abantu ababamba iqhaza ekulondolozeni nasekukhuthazeni amagugu ezwe yi-Golden Shield Heritage Awards (GOSHA).
Le miklomelo ihlose ukuqhakambisa nokuhlonipha abantu kanye nezinhlelo ezenze umsebenzi omkhulu ekukhuthazeni nasekulondolozeni amagugu esizwe.
“Selokhu yasungulwa eminyakeni engu-13 eyedlule, i-GOSHA ikhule kakhulu, ikakhulukazi ekuqhakambiseni izinhlobo zamagugu ezazinganakwa phambilini, okubalwa kuzo ama-Living Heritage, Indigenous Knowledge Systems, Liberation Heritage kanye no-Ubuntu,” kusho uManetsi.
Uthe lokhu kukhuthaza ukubamba iqhaza kwabantu abaningi kanye nokumelwa kwamasiko ahlukahlukene.
Amagugu nokuqwashisa umphakathi
UManetsi uthe izinsuku zikazwelonke ezifana noSuku Lwamagugu akufanele zithathwe njengezinsuku nje ezibhalwe ekhalendeni.
“Usuku Lwamagugu lubaluleke kakhulu ngoba luwusuku olubekelwe ukuqwashisa nokukhuthaza ukubaluleka kokwehlukahlukana kwamasiko ethu kanye nomlando wethu owakhe isikhathi samanje futhi ozoba nomthelela nakusasa lethu,” kusho yena.
Uthe kunesidingo esikhulu sokuqhubeka nokufundisa umphakathi nokuwuqwashisa ukuze kwakheke uthando lwezwe olusekelwe emagugwini ase-Afrika.
Ebuzwa ukuthi ngabe abantu baseNingizimu Afrika bayawathatha kancane yini amagugu abo, uManetsi uphendule wathi: “Yebo.”
Nokho, uthe kubalulekile ukuqhubeka njalo nokuqwashisa nokufundisa umphakathi ngokubaluleka kwamagugu namasiko ukuze kuzuze isizukulwane samanje kanye nezizukulwane ezizayo, ngokuhambisana noMthethosisekelo waseNingizimu Afrika kanye nemithetho ephathelene namagugu.
I-National Heritage Resources Act ingumthetho oyinhloko obeka indlela yokuphathwa nokulondolozwa kwezinsiza zamagugu eNingizimu Afrika ukuze zikwazi ukudluliselwa ezizukulwaneni ezizayo.
Isigaba 30 soMthethosisekelo sithi wonke umuntu unelungelo lokusebenzisa ulimi aluthandayo kanye nokubamba iqhaza empilweni yamasiko azikhethele wona, kodwa lawo malungelo akumele asetshenziswe ngendlela ephambene nanoma yisiphi isigaba soMqulu Wamalungelo.
Amagugu awagcinelwa uSepthemba kuphela
Njengoba sesivalelisa eNyangeni Yamagugu, akufanele sibeke eceleni amagugu ethu silinde kuze kufike enye iNyanga Yamagugu.
“Asiqhubeke sisebenzisa izinsiza zamagugu ethu unyaka wonke. Akufanele siveze amagugu namasiko ethu kuphela ngeNyanga Yamagugu ngoSepthemba, kodwa kufanele siwathuthukise futhi siwagcine ephila ngokuwadlulisela ezizukulwaneni ngezizukulwane, ukuze kuzuze isizukulwane samanje kanye nezizukulwane ezizayo,” kusho uManetsi.
Umthombo: SAnews.gov.za

