UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu  e-KZN wethule uhlelo EPW KwaNongoma naKwaHlabisa

SHEILA MHLONGO

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali , uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uhole umcimbi wokusayinwa kwezinkontileka zentsha engu-100 esuka KwaHlabisa naKwaNongoma, ezoba yingxenye yohlelo olubalulekile lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP).

Lolu hlelo olubizwa nge-Local Government Support Flagship Programme luhlose ukusiza omasipala abancane ngokwengeza amandla ekulawuleni udoti nasekuvikeleni imvelo.

UMnyango wakwaCogta KwaZulu-Natal ubeke eceleni isabelomali esingu-R10 million ukuqasha abantu abangu-3000 ngaphansi kwalo luhlelo. Omasipala baseBig Five Hlabisa kanye noNongoma bayizindawo zokuqala kweziyisithupha ezizohlomula kulo msebenzi.

UMEC Buthelezi uhole umcimbi wokusayinwa kwezinkontileka ezizosebenza izinyanga ezingu-24, futhi waphinde wanikeza intsha amathuluzi omsebenzi kanye nezinsiza zokuzivikela emsebenzini.

Ekhuluma nomphakathi,  uButhelezi uthe omasipala abancane abanazo izinsiza zokwenza umsebenzi wokuqoqwa kukadoti ezindaweni zasemakhaya ngenxa yokushoda kwezimali. Lokhu, kusho yena, kuholela ekonakaleni kwemvelo njengoba udoti ugcina emifuleni nasezinkundleni zokwelusa izilwane, okungaba yingozi ezilwaneni nasempilweni yasemanzini.

“Omasipala abancane baphansi kwengcindezi yokufeza izibopho zabo ezinjengokuqoqwa kukadoti. Ukuhlomisa ngohlelo olufana ne-EPWP ukwenza kube lula ukusiza. Namuhla siqashe abantu abangu-100 emiphakathini emibili abazoqala ukusebenza ngoJulayi. Lolu hlelo luzosiza ekuqoqweni kukadoti, sisebenzisana nomnyango wezindaba zemvelo ozonikeza obhasikidi bokuqoqa  udoti kanye nochwepheshe. Okubaluleke kakhulu, lolu hlelo luzodala amathuba emisebenzi adingeka kakhulu entsheni ezindaweni zasemakhaya. Lesi yisigaba sokuqala, eminye iminyango izofaka isandla futhi ingeze abantu abaningi kulo hlelo,” kusho yena.

Abahlanganyela kuloluhlelo bazophinde bafundise umphakathi futhi bawukhuthaze ukuba uthathe ingxenye ekuvuseleleni kabusha izinto ezilahlwayo. Bazophatha izindawo zokuvuselela izinto futhi basize abantu abafisa ukuqoqa udoti ongavuselelwa (recycling).

Lolu hlelo luzosebenza iminyaka emibili (izinyanga ezingu-24) futhi bonke abasebenzi abazokuqashwa bazoqala ukusebenza mhlaka- 1 Julayi 2025.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *