Abasebenzi beThala badlulise   iMemorandamu yezikhalazo

ZAMA MAJOLA

Abasebenzi beThala Development Finance Corporation badlulisele incwadi yezikhalazo zabo eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal  ngoLwesine lo mhlaka-6 ku-Agasti, bekhala ngezinto ezithinta inkampani yabo. Bebemelwe yiNational Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu) bephakamisa ifulegi elibomvu ngokuphathwa kwesikhungo ngaphansi kwesikhulu esiphezulu seqembu uPearl Bhengu.  Babalule ukukhathazeka ngokusebenza kwesikhungo, ukunganakwa kwengqalasizinda nokuphathwa kwezimali. Inyunyana ithe i-IDFC ayikaze ikhombise ukukhula okubonakalayo selokhu kwaqokwa uBhengu ngo-2018, kodwa isalokhu iqhubeka nokuwohloka. INehawu ithe okukhathaza kakhulu wukungaphathwa ngendlela kwezimali kanye nobudedengu esikhungweni abathi yikho okuholele ekulahlekeni kwemali eningi nokonakala kwesithunzi. Okunye kwaba ukwehla ngendlela eshaqisayo ekusebenzeni nasekugcinweni kahle kwezimboni zeThala.
Izimfuno zayo zihlanganisa: Ukucwaningwa kwamabhuku ngaphambi kokuqashwa kwabantu ngesikhathi sobuholi, ukumiswa ngokushesha kwakho konke ukuqokwa okungabazekayo kusalindwe ukubuyekezwa, ukusungulwa kwekomiti elizobheka ukuqashwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi esikhathini esizayo izinto zisobala, ukulunga kanye nokuhambisana nezinqubomgomo ze-HR zeThala, uphenyo olusheshayo mayelana nokukhishwa kwama-oda okuthenga kubaqashi abathola izimvume zokuqasha kanye nokumiswa kwazo zonke izinhlelo zokuzinakekela kuze kube kufakwa uhlelo olusobala lokuqinisekisa ukukhwabanisa, ukuqedwa kwanoma yisiphi isivumelwano sokuqashisa lapho umhlali oyinhloko etholakala ephula inqubomgomo ye-IDFC kanye nokuqiniswa kokulawula kwangaphakathi ukuze kuvinjelwe ukwephulwa kwenqubomgomo esikhathini esizayo okuhlobene nokusetshenziswa kwezakhiwo zeThala. INehawu inikeze ibhodi le-IDFC noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal izinsuku ezingu-14 ukuthi baphendule ngezikhalazo zayo. Uhlu lwezikhalazo lugcine lwamukelwa nguMnu. Boyce Mntambo ongumqondisi obhekele ukusebenza kwesifunda iTheku eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal.
 
SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *