ZAMA MAJOLA
Ochwepheshe bezeMpilo baphakamise ukukhathazeka okukhulu mayelana namazinga aphansi okuncelisa ezweni. Lokhu bakudlulise ngesonto lokuqwashisa ngokuncelisa kuyo le nyanga ka-Agasti. Naphezu kweseluleko sezempilo emhlabeni wonke sokuthi ubisi lwebele luwumsoco ongcono kakhulu wezingane kusukela zizalwa, zingu-20% kuphela izingane eNingizimu Afrika ezinceliswa ibele lodwa ezinyangeni eziyisithupha zokuqala zokuphila. Ngokusho kwe-Health Professions Council of South Africa (HPCSA) kanye neProfessional Board for Dietetics and Nutrition, iNingizimu Afrika yehle kakhulu emuva kwezinjongo zeWorld Health Assembly zika-50% ngo-2025.
Ngokuka-Johns Hopkins Medicine: ubisi lwebele lulula ukugayeka ukunefomula, lukhuthaza ukukhula kobuchopho obunempilo, luthuthukisa amehlo, kanti futhi luyasiza ukulwa nezifo. Ochwepheshe babe sebenxusa omama ukuba bebuyele ekunceliseni izingane ubisi lwebele okuncono izinyanga eziyisithupha uma zisanda kuzalwa. Badlulise nokuthi lokhu kuzosiza ekutheni kunciphe izingane ezidlula emhlabeni izinyangana nje zisanda kuzalwa, kuphinde kwehlise isibalo sezingane eziba nezifo zisanda kuzalwa. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi izingane ziba nempilo ebese ziphila impilo ende. Banxusa nokuthi laba abasondelene nomama bezingane bebagqugquzele ekutheni bencelise, bengagcini ngalokho kuphela kodwa bebuye bebaseke kukho konke bengazizwa bebodwa.

