ZAMA MAJOLA
Ngokusho kowe-MpTV1 foundation, kunento ebhenywawo okuthiwa i-Tick. Lento ikwenza ungalali izinsuku ngezinsuku, abayibhemayo bayazihlala izinsuku eziwu-7 okubalwa kuzo ubusuku nemini bengalali. Empilweni yomuntu obhema i-Tick kufika isikhathi lapho khona avele ashayeke phansi maqede alale kubengathi ufile leyonto babe sebeyibiza nge-Shutdown. Into ebuhlungu nenzima nge-Shutdown ukuthi ayisho mayizokwenzeka futhi ayikho indlela ongayivimba ngayo.
Le nsizwa esesithombeni itholwe iwele emgwaqeni ngomunye wabe-MpTV1 foundation wayithatha wayidonsela eceleni komgwaqo. Oyithathile le nsizwa udlulise ukuthi ubenesiqiniseko sokuthi iyaphila ngoba usenalo ulwazi lokuthi baba njani abantu ababhema lolu hlobo lwezidakamizwa usehlale kakhulu nabo. “Ibuhlungu into eyenzeka ezweni lakithi, ngike ngizibuze ukuthi umuntu ogxeka noma ajikijele ngamatshe okwenziwa i-MpTV1 kokuqwashisa ngezidakamizwa umuntu onjani. Izwe alisekho ezandleni zethu lisezandleni ngomlomo nje kuphela kodwa ngokweqiniso izwe lethu lihambile eyi kunzima eNingizimu Afrika.” kukhuluma owe-MpTV1. Ube eseqhubeka ngokuqwashisa ngezidakamizwa, wanxusa iNingizimu Afrika ukuthi ithi ukwehlisa kancane ezidakamizweni ngoba izona ezimosha ikusasa lentsha futhi ezandisa isibalo sabantu abagcina sebegula ngengqondo.

