Kuqoqwa iminikelo kaKhisimuzi wezintandane nabafelokazi

Esithombeni: kuqhubeka inkonzo yomnikelo Empangeni

Isithombe: Sithunyelwe

Thobile Mbatha

UKHISIMUZI ususemnyango, nodado sebeqalile ukubala izidingo zabo kubazali babo kanye nezinto abazithandayo kodwa kubafelokazi nezintandane akunjalo isimo sigaya ngomunye umhlathi.

Inhlangano yasEmpangeni engenzi nzuzo iKhanyamsamu Foundation kaMnu. uSbonelo nxele namakhosikazi akhe amane banesifiso sokushintsha lokhu, sebeziqalile izinkonzo zokuqoqa iminikelo yezintandane nabafelokazi. Unxele uthe izinkonzo ziqale ekupheleni kuka okthoba kanti koze kulamule ukuphela kukanovemba.

Inhloso enkulu ukuqinisekisa ukuthi baqoqa iminikelo, izimpahla nokudla okwanele ukulekelela imindeni ebhekelwe ngabafelokazi nezintandane.

“IKhanyamsamu yinhlangano ebhekele wonke umuntu nokwenza izinkonzo zihlanganise onke amabandla ngokwehlukana kwawo. Sifuna babe noKhisimuzi njengabo bonke abantu okunye ngalokhu ukusiza ogogo abahlala nabazukulu, ngokubona ukuthi noma behola impesheni kodwa ayenele.

Kube sekuvela inqwaba yabantu abangabafelokazi, sabona kungcono siphumele ngaphandle sicele usizo,” kusho uNxele.

Eqhuba uthe, yize bengumndeni benalo uhlelo lwezijumbana abanikelela abantu ngazo kodwa akwanele ngoba siyakhula isibalo sabaswele. Ukhisimuzi wehluke kakhulu futhi usuku izingane okungamele zizwele ngalo noma ngabe isimo sasekhaya asisihle.

Uthe bazivulile izandla nakwezinye izinhlangano ezingakwazi ukulula izandla zibaphonsele okusukothandweni. Kasibhekile nje umnikelo wemali kodwa nezimpahla zokugqoka, amathoyizi, ukudla nokunye okungasiza lemindeni eyeswele. Izinkonzo zabo  uthe zizoqhubeka kuze kuphele uNovemba, bese kuthi ngoDisemba 16 badlulisele iminikelo kubafelokazi nezintandane. Kuphetha uNxele.