SAMUKELISIWE MBONAMBI
Iyini I-TB? I-TB ibangwa yigciwane elibizwa ngokuthi yiMycobacterium Tuberculosis elivame ukungena emaphashini. Nokho, igciwane leTB lingahlasela noma iyiphi ingxenye yomzimba okub- alwa nezinso, umgogodla, nobuchopho.
Yiziphi izimpawu ze-TB?
Izimpawu zalesi sifo zihlanganisa ukukhathala, ukukhwehlela okungapheli okungathatha amasonto, izinhlungu esifubeni, isikhwehlela (esisuka ekujuleni kwamaphaphu) okungenzeka sibe negazi, nokujuluka ebusuku. Izimpawu zeTB ezivame ukuvela kakhulu ezinganeni ezincane zihlanganisa ukungakhuluphali, ukuvuvukala kwezindlala, ukugodola, nokukhula kancane.
Isabalala kanjani i-TB?
Igciwane elidala iTB lisabalala ngamaconsi amancane aphuma emlonyeni uma umuntu onaleli gciwane ekhwehlela, ecula, ekhuluma noma ethimula.
Ngabe i-TB iyalapheka?
Yebo, iTB iyisifo esilawulekayo futhi eselaphekayo.
Yikuphi okumele ngikwenze uma ngicabanga ukuthi
nginalesi sifo?
Abantu abanezimpawu kufanele bafune usizo lwezokwelashwa kubahlinzeki bezempilo. I-TB iyahlolwa kuzo zonke izikhungo zezempilo futhi ihlolwa mahhala ezikhungweni zikahulumeni.
Yelashwa kanjani i-TB?
I-TB yelashwa ngenhlanganisela yemithi (ephuzwa ngomlomo) ethathwa izinyanga eziyisithupha. Ukwelashwa kweTB engazweli emishanguzweni kuthatha isikhathi eside.
Uma isiguli se-TB sesizizwa singcono, singayeka ukuthatha imithi?
Kubalulekile ukuqeda imishanguzo yeTB. Uma uyeka ukuthatha imishanguzo noma ubuye ungayithathi ngezinye izinsuku, unikeza igciwane leTB ithuba lokuzishintsha, okulenza limelane nemithi. Zelapheka kanzima izinhlobo zegciwane ezingazweli emishanguzweni futhi ziyingozi.
UDABA : LUTHATHWE EMIBHALWENI KA ZIMBALI MAZIBUKO

