
OWAMI THABETHE
I-Park Hill ese-Durban North ibiphithizela yizicukuthwane, izikhulu zikahulumeni, abebehlangene ukuzobungaza ingqophamlando yenhlangano engenzi nzuzo (NPO) iKhulani Shelter, eyemukele ngokusemthethweni i-Fundani Childrens Home emndenini wayo ngoLwesihlanu, zingama-26 kuJulayi.
Isikhungo iKhulani Shelter, eyasungulwa eminyakeni engu-20 edlule phakathi nobhubhane lwesandulela ngculazi olwabulala inqwaba yezingane eziyizintandane, sekuyisikhathi eside iyisibani sethemba kubantu baKwaZulu-Natal ababekhahlamezeke kanzima ngenxa yalolu bhubhane. I-Fundani Children’s Home esePark Hill inikezwe le nhlangano ngumsunguli nosihlalo weSibaya Community Trust, uVivian Reddy, otshale imali engaphezu kuka-R7-million kulo msebenzi.
“Siyajabula ukuthi sitshale imali eKhulani Shelter, i-NPO elwela ukuqinisekisa ukuthi intsha yethu iyasuswa emigwaqweni futhi ihlinzekwa ngendawo yokuphepha, imfudumalo, nokunethezeka. Kuyasijabulisa kakhulu ukuthi lesi sikhungo sisebenzela ukuvuselela intsha yethu, siyihlomise ngamakhono empilo adingekayo ukuze ibe ngamalungu omphakathi akhiqizayo,” kusho uReddy.
IMeya kaMasipala weTheku, uMnuz Cyril Xaba, edlulise amazwi okuziqhenya wathi izikhungo ezifana neKhulani Children’s Shelter, zibamba iqhaza elikhulu emphakathini wethu ngokuhlinzeka ngezidingo ezisemthethweni egameni loMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.
“Sikholwa kakhulu ukuthi yilapho uhulumeni esebenzisana nezinkampani ezizimele kanye nezinhlangano zomphakathi lapho singakwazi khona ukubhekana nezinselelo zentuthuko ezidicilela phansi umphakathi wethu. Uzovumelana nami ukuthi siphila emphakathini lapho izingane zibhekana nazo zonke izinhlobo zokuhlukunyezwa futhi kuyajabulisa ukubona abathanda izwe labo abafana noReddy befaka isandla ekwakheni indawo ephephile nekusasa eliqhakazile lezingane zethu. Njengoba silwela ukwakha impilo engcono kubo bonke abantwana kumele kube yizinto eziza kuqala kithina ngoba ziyisisekelo okungakhelwa phezu kwaso ikusasa laleli lizwe,” kusho iMeya uXaba.

