Amaphoyisa ashaqe izibhamu eziningi ezingekho emthethweni kwaboshwa nabasolwa abaningi abahlobene namacala amaningi ahlukene
OWAMI THABETHE
UNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMnu. Thamsanqa Ntuli, uncome amaphoyisa wonkana, ngaphansi kobuholi bukaLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ekulweni nokusabalala kwezibhamu ezingekho emthethweni nobugebengu obunodlame esifundazweni.
Emizameni yokuqeda izibhamu ezingekho emthethweni emiphakathini, amaphoyisa KwaZulu-Natal asethungathe athola izibhamu ezingu-313 ezingekho emthwethweni ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso, okuphinde kwaboshwa abasolwa abangu-11 003 ngamacala ahlukene ngenyanga kaJulayi.
Izibhamu ezitholiwe zihlanganisa izibhamu zohlobo lwe pistol ezingu-260, ama rifle awu-19 kanye nezibhamu ezingu-18 zokuzenzela. Kuphinde kwatholwa izinhlamvu ezilinganiselwa ku-5 000 zezinhlobo ezahlukene zezibhamu.
Labasolwa bahlobene namacala okuzama ukubulala, ukugqekeza izindlu, ukubegebenga amabhizinisi ,ukudlwengula kanye nokweba imfuyo.
Amaphoyisa aphinde abopha abantu abangaphezu kuka 500 ngokudayisa utshwala ngokungemthetho kanti ukubonakala kwamaphoyisa emigwaqeni kanjalo nezivimbamgwaqo ngenhloso yokusesha kuholele ekuboshweni kwabantu abaningi kakhulu abatholwe beshayela bephuze utshwala.
UNdunankulu uqhube wathi ukuthuthela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi ehhovisini lakhe ngenkathi ethatha izintambo ngo Julayi, kwakungenye yezihloso zokuba yingxenye yokudidiyela ukulwa nobugebengu. “Kumele singakubekezeleli neze ukuhlukunyezwa komphakathi yilezi zigebengu, ngiyawuncoma kakhulu umsebenzi wamaphoyisa. Kumele sikusho ukuthi njengoba singenelela ekulweni nobugebengu kuzoba nokuhlehla emuva kwalabo abahlomula ezigebengwini. Ngakho-ke kufanele sihlale siqinile ekusekeleni ama-ejensi ethu omthetho”,kusho uNdunankulu uNtuli.

