ONGEZIWE NTONDINI
Inyunyana yothisha iSADTU ithe imali engu-R66 billion eyabelwe imfundo eKZN ayikhulumi ngezinselelo othisha ababhekene nazo. UNomarashiya Caluza weSADTU KZN uthi yize lomnyango uthole ingxenye enkulu yesabelomali ngeke uthuthukise isimo sezikole esifundazweni.
“Lesi sabelomali asifani nesabelomali sonyaka wezimali odlule ngeke kusize ngoba akuthinti ezindabeni ezibucayi ezivele zithinta izikole zethu ukungaqokwa kothisha, ukugcwaliswa kwezikhala ikakhulukazi emahhovisi kanye nabasebenzi abasekelayo kuseyinkinga enkulu ethinta izikole.
Uphinde wacela ihhovisi likaNdunankulu waKwaZuu-Natali uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli, ukuba angenelele kulolu daba “Kufanele angenelele uma bezibophezele ekufundiseni nasekufundeni okusezingeni eliphakeme kanye nezindaba zokuphepha kulesi sifundazwe.
“Othisha bayadutshulwa, kukhona ukuhlukunyezwa, udlame nobugebengu ezikoleni zethu. Kungenxa yokuthi asinakho ukuphepha okufanele, kufanele bavumelane nalelo qiniso futhi babhekane nalezi zinkinga.
Emasontweni ambalwa edlule uGodongwana uxwayise ngokuthi othisha abangu-19 000 basengozini yokulahlekelwa yimisebenzi esifundazweni saKwaZulu-Natal. kodwa-ke, ngaleso sikhathi, uSADTU wayengabaza ukusho kwalesi sibalo.
I-Sadtu iphawule ukwabiwa kwezigidigidi ezingama-598.7 zamarandi ekufundeni namasiko, kanti imfundo eyisisekelo ithole izigidigidi ezingama-332.3 zamarandi, kanye nemali eyengeziwe engu-R19.1 billion ukuze kugcinwe othisha abalinganiselwa ku-11 000 emakilasini. Kodwa-ke, lemali ayikwanele ukubhekana nezinselelo ezibucayi zomkhakha. “
- SADTU iyaqhubeka nokuzibophezela ekuthuthukiseni imfundo yomphakathi esezingeni eliphezulu. Uthe lokhu kuzofezeka uma uhulumeni esebenzisa imali eyanele yemfundo.
Ngokuhambisana nomkhankaso we-Go Public, Fund Education we-Education International, unxuse ohulumeni ukuthi bakhuphule uxhaso lwemfundo emhlabeni wonke.

