IFP igcwalise  izikhundla zeziMeya KwaZulu-Natali

ONGEZIWE NTONDINI

Umhlangano woMkhandlu ophethwe Inkatha Freedom Party (IFP) ngomhlaka 29 March 2025, unqume ukuthi izikhala zeziMeya ezikhona koMasipala abaholwa yi-IFP kumele  zigcwaliswe.

Okhulumela i-IFP kuzwelonke uMkhuleko Hlengwa uthe leli qembu liphinde laqinisekisa ukuzibophezela kwalo,ekuphathweni okuhle  komasipala, kunxuswe abaholi abasanda kuqokwa ukuthi bafeze imisebenzi yabo futhi benakekele izidingo zabantu ngokuzinikela ngobuqotho nangokuzikhandla.

“Njengoba siqhubeka nokuhola komasipala abahlukene i-IFP’s 2021,  13-Point Plan Manifesto ihlala iyisisekelo sethu sokuhlinzekwa kwezidingo ngqangi  siqinisekisa ukuthi sibeka phambili inhlalakahle yemiphakathi yethu”.

Ubuye wathi “Sinxusa bonke abathintekayo, kufaka phakathi izikhulu zikamasipala kanye nezakhamizi ukuthi basekele laba baholi emizamweni yabo yokwakha ohulumeni basekhaya abangcono futhi abazinzile”.

Zimi kanjena izikhundla zeziMeya koMasipala abehlukene:

UMzinyathi District Municipality:
ObeyiBamba leMeya ukhansela Thembisile Mchunu uzothatha isikhundla sokuba iMeya kanti iPhini leMeya ukhansela Nothile Zungu.

Nkandla Local Municipality:
IBamba leMeya ukhansela  Nonhlanhla Nzuza uzokuba iMeya entsha kuthi iPhini leMeya kube ukhansela  Nokuthula Magubane.

AmaJuba District Municipality:
IBamba leMeya ukhansela Thembelihle Mthembu uzothatha isikhundla sokuba iMeya entsha  kuthi iPhini leMeya kube ukhansela  Isaac Sithole.

Iqembu le-IFP libe selizwakalisa ukubongela bonke labo abaqokelwe ezikhundleni zeziMeya yabafisela konke okuhle emsebenzini wabo omusha.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *