sitolokazi iShoprite Group sinikeza abalimi abasafufusa ithuba eliyingqayizivele ngosuku lweMarket Day

Esithombeni esithunyelwe: Abalimi bethengisa ngezitshalo abazilima ezingadini zabo emakhaya, lapha bathengisela amakhasimende esitolo iShoprite ngosuku lweMarket Day.

SHEILA MHLONGO

Abalimi abancane abasuka ezingadini zokudla zomphakathi ezingaphezu kuka-60 ezisakazeke kuyo yonke iNingizimu ye-Afrika bathole ithuba eliyingqayizivele lokuthengisa ngezitshalo zabo   kumakhasimende ezitolo ezikhethiwe zakwaShoprite neCheckers ngosuku lweMakethe yabathengisi (Market Day) ngomhlaka 3 Ephreli  2025.

Usuku Lwemakethe (Market Day)  lusiza abalimi abasafufusa ukuba bathole imali engenayo, bathuthukise amakhono abalulekile ebhizinisini nasemkhakheni wezohwebo futhi baxhumane ngqo namakhasimende esitolo. Lolu hlelo luyinqubo mgomo wokuzibophezela kwesitolokazi sakwaShoprite/ Checkers group lokweseka imizamo yokunciphisa indlala  kanye nokuqinisekisa ukuthi kuhlale kunokudla okwanele.

 “Usuku Lwemakethe luyaqhubeka nokukhula minyaka yonke, luvulela  izingadi zemiphakathi ithuba lokuthi ilethe izitshalo kumakhasimende esitolo.” kusho uSanjeev Raghubir, Isikhulu Esiphezulu Sezindaba Zokusimama esitolokazi sakwa-Shoprite. “Ngaphezu kokuletha imali engenayo, lolu suku lufundisa abalimi ulwazi olubalulekile lwezohwebo futhi lugqugquzela izindlela zokulima ezimelana nezinguquko zesimo sezulu, ezibalulekile ekuqinisekiseni  ukuthi ukudla kuhlale kukhona  isikhathi eside.”

Ngohlelo lwalo i-Act For Change, iShoprite Group isekela izingadi zokudla zomphakathi ezingaphezu kuka-260 kanye nezingadi zasemakhaya ezifika ku-4 000 lokhu okuthinta izimpilo zabantu abangaphezu kuka-80 000.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *