SHEILA MHLONGO
Umculi womculo wokholo uRichard Masemola owahlabana ngendondo ye South African Gospel Recognition Awards SAGRA ohlangothini lweBest Gospel Jazz, usekhiphe isingle yakhe yengoma entsha ethi Wamuhle Nakimi. Lengoma ididiyelwe yaba iTende yabe isinongwa ngowokholo ojwayelekile lokho okwenza ibe sezingeni eliphezulu.
Lomculi wokudabuka eBlaauwbosch, eNewcastle, uneminyaka engu-30 esendimeni yomculo uthi lengoma uyiqophe nongqondongqondo emculweni okubalwa uDoctor Mdluli onguphrojusa wakhe kanye no-Owen Ngwenya naye onguphrojusa abuye aqophe njengonjiniyela estudio. Kanti umdidiyeli uHemilton Kubashe ongunjiniyela omdala nohlonishwayo kuleli.
Imisakazo isiqalile ukuyidlala lengoma kanti nabantu bayithakasele isize ihlatshelelwa nasezinkonzweni. URichard uthi basemalungiselelweni okuqopha imusic video yalengoma ethi Wamuhle Nakimi maduze nje.
“Seyimide iminyaka 30, ngikulendima yomculo. Ngiyajabula uma ngisabhala ngicula izingoma ezivuselela umoya nezidumisayo zithandwe abantu. Ngiyambonga uNkulunkulu.” Kusho lomculi oseke wasebenza kakhulu noPhrojusa ophezulu nohlonishwayo uMthunzi Namba kuma-Albums akhe amabili akudala.
Isiqalile iyatholakala kuma Online stores kanti nakuYouTube isikhona. Lomculi uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana, kuFacebook: URichard Masemola kanti ku Instagram: uRichard_Masemola.

