SHEILA MHLONGO
I-South Africa iqapha ngokucophelela uhlobo olusha lwe-COVID-19 olubizwa nge-Nimbus noma NB.1.8.1, oluhlobene nokwenyuka kwezifo emazweni ase-Asia.
UNgqongqoshe Wezempilo uDkt. Aaron Motsoaledi ukhulume ngalesi sifo emhlanganweni we-G20 obubanjelwe eGoli, wathi uhlobo lolu luqashwe yi-WHO .
Izwe lase-India selibone ukwenyuka okukhulu kwesibalo sabantu olugulayo ngenxa yalolu hlobo olusha, futhi ngisho nase-Thailand, Indonesia, China, kanye neNgilandi bayishumi nantathu abaguliswa ilesifo(13).
UMotsoaledi uthe i-NICD inohlelo oluqinile lokuqapha izifo zokuphefumula ezifana ne-COVID-19, umkhuhlane, ne-RSV. Okwamanje, ukusebenza kwe-COVID-19 kusezingeni eliphansi.
Wengeze wathi yize kunokwanda komkhuhlane kule sizini, izwe likulungele ukubhekana nesimo futhi linawo umthamo wokulawula isimo.
Lolu hlobo olusha luhlobene nohlobo lwe-Omicron, okusho ukuthi imithi yokugoma yamanje isasebenza kahle.
Kunxuswa izakhamizi ukuthi ziqhubeke nemikhuba yokuhlanza izandla, ukuvala umlomo uma kukhwehlelwa, nokuhlala ekhaya uma zingaphilile.
UMotsoaledi uphinde wamema amazwe ukuthi asebenzisane ngokuzimisela ekwakheni uhlelo lwezempilo lomhlaba olunobulungiswa.
Lo mhlangano uthathe isonto elidlule lonke, lapho bekuhlangene izingcweti zezempilo namazwe amakhulu, ubugxile ekufundeni kweCOVID-19, nasekuthuthukiseni ukukhiqiza imithi e-Afrika nasezindaweni ezihlukene.
— SAnews.gov.za

