SHEILA MHLONGO
Ngakhulela elokishini lase Mbongweni ngaphandle kwabazali bami bangishishiya emhlabeni ngineminyaka engu-4 ngakhuliswa ugogo. Ngafunda eMgomanzi amabanga aphansi nalapho engajoyina khona iqembu elibizwa -Soul Buddies ngaba usihlalo ngoba ngiyazithanda ezokuxhumana nokuzijabulisa ngomculo. Kuthe ngo-2015 ngayofunda eMbekwa JSS lapho engafike ngajoyina khona ichoral music futhi ngazizwa ngiwuthanda umculo nokuthe ngo-2017 ngivakashele kwamalume wami ematatiele ngaqoka ukuya estudio nokuba ngangingenamali kepha ngothando lomculo ngazifumana sengikhona nga-record(a) iculo engangilibhekise kumakhulu wami elithi: Mayalo nginokubonga ngokungikhulisa kwakhe.
Ngaqhubeka ngenza mabanga aphezulu Cangci Comp Tech ngaqhubeka nothando lomculo ngaqala ngavakashela local radios sibala: inkonjane fm ,ingwane,fm ,Alfred nzo fm namanye ambalwa. Ngo-2018 ngenza Ep ethi: vulindlela ft indodana ye legend kaMaskandi Nkunzemdaka obizwa ngokuthi inkunzencane futhi abantu bayithokozele kakhulu le- Ep baqala bangimema emicimbini emincane yasezikoleni nasemishadweni nokuyinto enkulu kimi njengoba ngisawumuntu okhulayo emculweni.
Ngaqala nami ngashiyela isiteji nabantu abaziwa umhlaba wonke esibala kubo Sbu from uzalo Zakwe MusiholiQ DUNCAN ,BETUSILE MR VEE SHOLO , ABONGILE MANGALA nabanye abaningi 2019 ngasayisa iNkampani encane Isikhwebu Project ngathola ukuqashwa eGoli naseKZN.
Akugcinanga lapho ngo-2023 ngifudukele East London ukuyofunda University of Fort Hare kwamele nginake ezifundweni zami ngoba ngiyazi lapha engivela khona akulula kodwa kulonyaka ngibuyelile estudio ngakhipha ingoma ebizwa Matata Gospel Song futhi abantu bayithokozele kakhulu.
Anginalo uhlobo olulodwa lomculo engiwenzayo ngicula noma hlobo luni lomculo futhi ngibonga inkosi ngifisa imgcine umakhulu. Ofisa ukuxhumana nami WhatsApp / Call: 078 444 4648 Facebook: Batyele Luxer.

