Uvikela izingane kwizidakamizwa ngemidlalo ye Netball owase Mayville

ONGEZIWE NTONDINI

UNozuko Mdazuko ungumsunguli weqembu leNetball i-Wonder Girls Club esendaweni yase Mayville ngenhloso yokugcina izingane zivikelekile ekubhemeni izidakamizwa, ukuphuza utshwala kanye nokumitha zisancane.

IMayville enye yezindawo ezidume ngezinto ezingezinhle ezingadwebi isibonelo esihle ezinganeni ngakho uNozuko uyaqinisekisa ukuthi izingane ezincane azihlali zibe nesizungu zigcine sezenza izinto ezingalungile.

“Ngasungula i-Wonder Girls Netball Club ngo-2018 ngaqala ngezingane esezikhulile ngase ngibona ukuthi ake ngifake nalaba abancane ngoba bakhona nabo kwase ku sungulwa i-Development League khona ku-ward 101 ubhuti uSifiso Ntineza”kusho uNozuko

Ngenkathi iteam yonke idlala kwi Development League  umncintiswano waku District 7 bawina bonke ngokwezigaba ezahlukene under-11 waba i-Champion ka-2025 kwathi abangaphansi kuka-13 wathola isikhundla sika nombolo-3 kumaqembu awu-9 abekade beqhudelana nabo kwaba under-15 waze wathola isikhundla sesibili kwaze kwagcina under-17 owanqoba kwisikhundla  sika-3.

UVeliswa Mgaba ongumama womunye wabadlali baka under-11 uthe “Ngizizwa ngijabule kakhulu ngoba ibakhipha busy bangaze bezule begcwala ilokishi lonke”

Udlulisa ukubonga kubazali abavuma ukukhipha izingane zabo noma nje kuba  nezinselelo ababuye bahlangabezane nazo  ezinganeni bayazama ukufihla kungagqami ukuthi izingane ziphuma emakhaya ahlukene khona nabaphuma emakhaya ampofu kodwa  ithalente  likhona kubona kakhulu.

 Leliqembu leNetball liyafisa ukuthola abaxhasi noma kuma-NPO ngoba banezidingo  eziningi ezigcina seziphuma kuma phakethe angabekelwanga iqembu bacelwa ukuxhaswa kakhulu ngezinto zoku jima izingane zonke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *