UMhleli weKZN Namuhla ukhuthaza amaCiko ukuthi agqugquzele abalandeli bawavotele

UMhleli wephephandaba iKZN Namuhla uNksz. Sheila Mhlongo

UMhleli wephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uNksz. Sheila Mhlongo,uthi ufisa ukukhuthaza amaCiko onke  angenela umncintiswano weKZN Namuhla Artisits Awards 2025  ukuthi anxenxe abalandeli bawo ukuthi bawavotele njengoba ziya zisondela izinsuku zokuthi kufike emaphethelweni ukuvota, ngomhlaka-31 Agasti.

“Ngiyazi ukuthi umhlaka-31 Agasti ungabukeka sengathi usekude kodwa mina ngikholelwa ukuthi kuhle ukuhlela izinto zakho  kusenesikhathi nabalandeli babe nesikhathi esanele sokuvota”. Kusho uMhleli.

UMhleli uqhube wathi nakuba kusekhona ingcosana yabaqokiwe ebukeka isilela emuva kodwa kuyamjabulisa ukubona ukuzimisela kwamanye amaCiko njengoba ngokukhulu ukushesha abhalise maqede akhokha izimfanelo aphinde aqalisa umkhankaso wawo wokuthi aqhube ukunxenxa abalandeli ukuthi bavote njengokomyalelo abayinikiwe.“Kuyimanje ngingasho ubukeka uhamba kahle kakhulu umkhankaso wamavoti eningi lamaCiko njengoba eseqalile ukuvotelwa iningi labalandeli”. Kusho uMhleli.

Kuzokhumbuleka ukuthi leliphephandaba lihlela umcimbi wokubungaza iminyaka engu 27 labakhona libe lihlanganisa kanye nokubungaza inyanga yamaGugu eba njalo ngenyanga ka Septhemba, yabe isiphinda ithatha ithuba lokuhlonipha amaCiko asafufusa kanye nazozonke izinhlangano zomphakathi ezingenzi inzuzo nalo lonke uhlobo lomculo oxube izinhlanga ezahlukene eziqhamuka ezifundazweni zaseNingizimu Afrika kanti umcimbi wona uyoba ngayo inyanga kaSepthemba endaweni esazomenyezelwa.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *