Sizwe sakithi ngithemba niphilile nonke , sisekuyo inyanga yeMbokodo ngicela ukululeka bonke abesifazane nganazi iyinduku zempilo.
Muntu wesifazane ungabi yisizathu sokwehla kwezinyembezi zomunye umuntu wesifazane kodwa akube uwena osula izinyembezi zomunye umuntu wesifazane . Yonke into oyenza komunye umuntu wesifazane awuqale ume esibukweni uzibuke unguyena bese uyacabanga ukuthi uyoyizwa kanjani mangabe yenziwa kuwena leyonto , uma ungeke wazi ukuyamukela ungabusayenza komunye umuntu wesifazane.
Ungabi yisizathu sokulamba kwezingane zomunye wesifazane ngoba unqabela indoda ukondla izingane zayo . Awubuye unembeza bantu besifazane . Yinina nzalabantu uma nihlukumezana kuyophela isizwe .
Obhalayo uKatlego Nare

