UNdunankulu  Ntuli unikele ngeziteshi zaMaphoyisa ezine ezingomahamba nendlwana

ZAMA MAJOLA

UMhlonishwa uThamsanqa Ntuli WezokuPhepha nokuXhumanisa noMphakathi KwaZulu-Natal  unikezele ngeziteshi zamaphoyisa ezine ezisezingeni eliphezulu ezingomahamba nendlwana. Lokhu kunikezelwa kuyingxenye yokuzibophezela koMnyango ekwenzeni ngcono ukunqanda ubugebengu. Lezi ziteshi zamaPhoyisa omahamba nendlwana zizosetshenziswa ngobuchule ezindaweni ezihlonzwe ubugebengu njengeNanda, Mbonambi, Bulwer naKwaMakhutha. Lokhu kungenelela kuzokwenza ngcono ukubonakala kwamaphoyisa ezindaweni ezinobugebengu.

“Sifuna ukubona izinyathelo ezilinganisekayo zokulwa nobugebengu esifundazweni sethu ukuze siqinisekise ukuthi siyasinqoba lesi sihlava sobugebengu.” kusho i-Executive Authority uNtuli. Ngonyaka odlule uMnyango unikeze uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika izimoto ezingu-36 ukuze uqinisekise ukuthi liyavalwa igebe lokushoda kwezinsiza. “Sisebenza ubusuku nemini ukusungula izinhlaka zezokuphepha zomphakathi esifundazweni sethu ukuze kwengezwe umsebenzi wezinhlaka zomthetho”.  UNtuli unxusa izinkampani ezizimele ukuthi zingenelele futhi zinikeze usizo lwezimali ezinhlakeni zokulwa nobugebengu emphakathini, ukusiza ukuthi kuqiniswe ukulwa nobugebengu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *