ZAMA MAJOLA
Ngesonto lomhlaka-3 Agasti bekuhlangene uZulu wonkana nezinye izizwe endaweni yaseNkangala phezu koMzinyathi kuzobungazwa umemulo weNdodakazi yoNyazi LweZulu. Injabulo ibibhalwe emehlweni kuMholi webandla lamaNazaretha Unyazi LweZulu ebona indodakazi yakhe imula.
Njengoba sazi ukuthi umemulo umcimbi wendabuko yamaZulu owenzelwa owesifazane osekhule ngokwanele eziphethe kahle ehleli ngentombi. Lo memulo ubuhanjelwe izikhulu, osaziwayo kanye nabaculi abasezingeni eliphezulu kakhulu. Lana sibala oNgizwe Mchunu, Doctor 3 seconds, Sjava, Saliwa Ndunakazi, Smirnoff, Quality Biyela, Njabulo Langa nabanye. Abantu abebehambele lo mcimbi bancome ukuphatheka kahle abakuthole emzini weNkosi. Baphinde bancoma ukuziphatha kahle kwendodakazi kuze kube ifika kuleli zinga isahleli ngentombi.

