UNyaniso Dotye “Bhushuzela” kuyamjabulisa ukubona intsha isendlini yokukhonza

SHEILA MHLONGO

Ngikhule ngihamba inkonzo njengamanje ngisebandleni i-C.C.A.C  IN  ZION ngaze ngangena kumculo we Gospel ngaqopha izingoma. Ngiyafisa ngoba ngisewumuntu omusha  ukubona kwande  abantu abasha ezindlini zokukhonzela njengoba nomhlaba ujikile ngibona kuyona ndawo eyosiqoqa sonke njengoba nami ngikulomkhakha sengisizwa umama uPat Nkonyeni.

Wangicothozisa njengoba sengingene ezindaweni eziningi okubalwa KZN Namuhla Artists Awards. Ngizimisele ukusebenza kanzima kakhulu kulo nyaka ukuze nami ngithole ukuwina kuma-Awards njengamanye ama-Artist.  Kuyangijabulisa ukuhlangana nentsha  evela kwezinye izindawo khona ngizobona nendlela ekwenziwa ngayo izinto nokucobelelana ngolwazi. Njengomuntu osemusha kwezokholo ngoba ubamncane uze uhambe emhlabeni azikho izinto esengizenzile ngaphandle kokukhonza ngiphinde ngibe isibonelo esihlel eqenjini lami njengomculi ukuthi akukho okuye okubalulekile njengokuba nendawo yokuyothandaza lapha ofike uzibike khona kongabonwayo.

Ngiyathembisa kubalandeli bami naseqenjini engisebenza nalo ngokomcilo nangenkolo ukuthi noma kanjani kulo nyaka ikhona into esizoyiwina sibuye nayo kuma-Awards engiwangenele. Umuntu omusha ofisa  ukuxhumana nathi WhatsApp/ Calls: 063 933 4467 naku Facebook: Bhushuzela Dotye ( Nyaniso Bhushuzela dotye) noma Bhushuzela Bhushuzela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *