ZAMA MAJOLA
USolwazi Firoz Cachalia ufungiswe njengoNgqongqoshe omusha Wamaphoyisa ngesikhathi somcimbi obuse-Union Buildings ePitoli ngoLwesihlanu lo mhlaka-1 Agasti. "Ngokwamandla engiwanikwe yiSigaba 91(3)(c) soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ka-1996, nginqume ukuqoka umuntu olandelayo njengoNgqongqoshe woMnyango okhonjiswe eMthethweni kaMengameli osayiniwe. Lowo oqokwe njengoNgqongqoshe, osezoba uNgqongqoshe, nguSolwazi Firoz Cachalia (sic)," kusho uRamaphosa. Lokhu kufungiswa kulandela isimemezelo sikaMengameli Ramaphosa ngenyanga edlule sokuthi ebeke uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ikhefu ngokushesha.
UMqondisi-Jikelele eHhovisi likaMongameli, uPhindile Baleni, okhulume ngesikhathi kufungiswa, uhalalisele uNgqongqoshe osanda kuqokwa. “Ngqongqoshe, siyakuhalalisela ngokuqokwa kwakho futhi sikufisela impumelelo enkulu emisebenzini nasemizamweni yakho yokwenza iNingizimu Afrika nomhlaba ube yindawo engcono kubo bonke abantu.” kusho uBaleni. Ekhuluma nabezindaba ngeqhaza lakhe elisha, uCachalia uqinisekise umphakathi ukuthi uwazi ngokugcwele umthwalo oza nendima anikezwe yona futhi uzibophezele ekubekeni phambili ukuphepha nokuvikeleka kwawo. "Angicabangi ukuthi kukhona ukwesaba okuqondile okuzongena kulo mkhakha. Ngiyasiqonda isikhathi izwe elikuso kanye nesisindo somthwalo enginawo kanye nabanye kuhulumeni. Ngifuna ukuqinisekisa umphakathi ukuthi ukuphepha nokuvikeleka kwabo kusekuqaleni emqondweni wami.
Yilokho engizogxila kukho futhi ngithemba ukuthi ngizokwazi ukuyisa izwe phambili." esho. UNgqongqoshe uCachalia ufunge wagomela ukuthi uzosebenza ngokuzikhandla futhi ahlale egxile emisebenzini yakhe naphezu kwezinselelo ezihambisana nokuqokwa kwakhe. "Ngizosebenza kanzima. Angiphazanyiswa umsindo futhi angiqhutshwa izifiso zezombusazwe. Nginikezwe umsebenzi. Ngizowenza lo msebenzi ngaphandle kokwesaba noma ukuchema, ngokulandela isiqondiso nokuqondisa kukaMongameli njengelungu leKhabhinethi," kusho uNgqongqoshe. – SAnews.gov.za

