OwezeMfundo ePhakeme umemezele izinguquko kwezemfundo yaseNingizimu Afrika

ZAMA MAJOLA

UNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme u-Buti Manamela ufunge wagomela ukuthi uzolungisa lokho okuphukile emkhakheni wezemfundo eNingizimu Afrika. Ekhuluma esithangamini nabezindaba ePitoli, uManamela uthe izingxoxo zomnyango wakhe ezinsukwini ezedlule nabafundi, abafundisi, othishanhloko, amasekela-shansela, abasebenzi, osomabhizinisi kanye nezinhlangano zomphakathi ziveze ukuphoxeka, ithemba nemibono mayelana noshintsho abalufisayo.

“Iqiniso liwukuthi izinhlelo zethu zemfundo nokuqeqeshwa kwangemva kwesikole zisalokhu ziyinhlakanhlaka futhi azilingani. Intsha eningi kakhulu ivalelwa amathuba, amakhono amaningi afundiswayo akuwona amakhono adingwa umnotho”  Ezinyangeni ezintathu ezizayo, umnyango uzothatha isinyathelo sokuzinzisa iSikimu Sikazwelonke Sokusiza Abafundi Ngezimali (i-NSFAS) uphinde uqalise indlela eqhubekayo yokuxhasa abafundi ngezimali.  Uzophinde wethule amaphrojekthi amathathu aphambili: Amakhono Oshintsho Lwentsha engasebenzi; ICareer Choices, eyaziwa ngeleKhetha yabafundi besikole kanye nohlelo lokufunda nokubhala lwabadala oluqondiswe kubantu baseNingizimu Afrika abangakwazi ukufunda noma ukubhala. Ngonyaka olandelayo, amaphrojekthi okulingana azobandakanya:  ukunikeza ukuzimela okwengeziwe kuma-TVET nama-CET amakolishi, ukwethulwa kwezifundo ezintsha ezihambisana nezimboni ezisafufusa, kanye ukusungula isizindalwazi se-PSET ukuze kuthuthukiswe ukuhlela nokugwema ukuphindaphindeka kokuqeqeshwa.

Ngokuhamba kwesikhathi, umnyango uhlose ukusebenzisa ngokugcwele imodeli yokuxhasa ngezimali esimeme. UManamela uthe uMnyango uzobiza ingqungquthela kazwelonke yezemfundo ephakeme ngonyaka ozayo ukuze kwakhiwe isivumelwano esibanzi sikazwelonke samakhono nolwazi nabafundi, abasebenzi, amabhizinisi, izinhlangano zomphakathi kanye nemiphakathi.  “Sizosungula kabusha uhlelo lwemfundo nokuqeqeshwa kwangemva kwesikole ukuze kube nomhlaba oshintshayo. Sizolungisa lokho okuphukile, kodwa futhi sizoqinisa kulokhu okuzosisebenzela ngoba ikusasa lethu lincike kukho.” kusho uManamela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *