ZAMA MAJOLA
UNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uDkt Pieter Groenewald uvule indawo yokubhaka phecelezi i-bakery eDurban Westville Management Area KwaZulu-Natal ngenhloso yokonga izigidi zamarandi. UNgqongqoshe uPieter Groenewald, uthe uMnyango wakhe usaqhubeka nokusabalalisa izindawo zokubhaka kuzo zonke izikhungo zawo.
Uthe lokhu kuzosiza ukongela umnyango izigidigidi zamarandi. Kuze kube manje sekufakwe izindawo zokubhaka ezingu-13 emajele. Iziboshwa ezingamashumi amahlanu zisebenza amashifu, zikhiqiza izinkwa ezingaphezu kuka-3 800 ngosuku. Lesi sikhungo sikhiqiza isinkwa esibiza u-R8 ilofu, uma kuqhathaniswa no-R23 abawukhokhela laba abasuke bezithenga kubo izinkwa.
UGroenewald uthi izindawo zokubhaka zizosiza ukukhiqiza imali yokuphilisa abangaphakathi emajele kungancikwa emalini kahulumeni. Isiboshwa, uMlindeni Xaba ujabule kakhulu ngokuba yingxenye yethimba elisebenza endaweni yokubhaka. Uthi ubonga izikhulu ezibasizile ukuthi benze kangcono, manje usezokwazi ukuvula ibhizinisi lakhe uma esephumile ejele ukuze ondle umndeni wakhe.

