UMkhwanazi unikele ngesipho sika-R40k ezinganeni zamaphoyisa angasekho

ZAMA MAJOLA

Unconyiwe uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMnu. Nhlanhla Mkhwanazi ngesinqumo sakhe sokuzidela sokunikela ngemali engaphezulu kuka-R40 000 ukusiza izingane zamaphoyisa ashone esemsebenzini. Ezinyangeni ezedlule u-X personality uChris Excel wethule umkhankaso wokuqoqa imali ukuze kukonyeliswe  uMkhwanazi ngezinkomo ezimbili njengophawu lokumbonga.

Lo mkhankaso usheshe waqoqa u-R44 000, kubungazwa umsebenzi kaMkhwanazi kanye nokuma kwakhe emphakathini ngokumelene nenkohlakalo emnyangweni wamaphoyisa. Esiqeshaneni esisenkundleni yezokuxhumana uMkhwanazi udlulise ukubonga kodwa wathi “Ngiyisisebenzi sikahulumeni, futhi umphakathi usuvele ungibonga ngokwanele ngomholo engiwutholayo. Nginelungelo lokusebenzela nokuvikela abantu baseNingizimu Afrika. Ngifuna le mali iye esikhwameni esixhasa izingane zamalungu e-SAPS ashona esemsebenzini.” Ucele ukuthi imali ifakwe kwaSAPS Educational Trust, esiza ekukhokheleni imfundo yalezi zingane. UMkhwanazi ukugcizelelile ukuthi lesi sikhwama siphethwe yibhodi elizimele labaphathiswa futhi sesisize izingane eziningi  ukuthi ziphumelele.

Ngesikhathi uMkhwanazi enikele ngesipho, iziphathimandla zamaphoyisa zikuqinisekisile ukuthi uvunyelwe ngokomthetho ukusamukela. UColonel Robert Netshiunda uthe, “Amaphoyisa angazamukela izipho. Kunerejista yezipho kwa-SAPS lapho amaphoyisa ememezela zonke izipho.” Isenzo sikaMkhwanazi sinconywe kakhulu ku-inthanethi, okuhlanganisa nomholi we-Action SA, uHerman Mashaba, othe, “Lesi sisebenzi sikahulumeni, uNhlanhla Mkhwanazi, yindoda emangalisayo. Leli zwe linenhlanhla ngokuba nomuntu onjena embuthweni wakwa-SAPS.” Abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana nabo bazwakalise ukuthi bayakuthakasela ukuphana nokuzinikela kwakhe emphakathini.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *