OwezeMpilo uphawule ngokusizakala kwabokufika ngokungemthetho ezikhungweni zezempilo

ZAMA MAJOLA

Ungqongqoshe  Wezempilo, uNomagugu Simelane, ukhulume ngokufinyelela kwabantu bakwamanye amazwe ngokungemthetho ekutholeni usizo lwezempilo e-KZN. Emcimbini wokwethulwa kwenhlangano yodokotela iSouth African Medical Association (SAMA) KwaZulu-Natal , uNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni, uNkk.  Nomagugu Simelane, ubhekane nenkinga yokuthi abokufika ngokungemthetho bathole usizo lwezempilo. Izitatimende zakhe zidalule ukukhathazeka okukhulu mayelana nengcindezi laba bafuduki abayibeka ohlelweni lokunakekelwa kwezempilo oseluvele lunwetshiwe esifundazweni.

USimelane uthe abaningi bayazi ngezindaba eziqhubekayo mayelana nokufinyelela kwabantu bakwamanye amazwe ngokungemthetho ezikhungweni zezempilo. Uthe izinkinga zibucayi futhi zinzima futhi kumele kubhekwane nezixazululo eziqinile nezisebenzayo.

“Iqiniso lendaba ukuthi akekho phakathi kwethu ongafuna ukuthi abokufika ngokungemthetho bahlomule ohlelweni lwethu. Iqiniso lendaba ukuthi abokufika esinabo ezweni badla izinsiza zethu,” kusho uSimelane.

Wachaza ukuthi bahlinzekela bantu abangu-12 million eKZN; nokho, abazi ukuthi bangaki abokufika abangekho emthethweni abakulolu hlelo. Okungenzeka ukuthi abasizakala kakhulu yibona abokufika.. “Njengoba sekushiwo lokho ngeke sikwazi ukuxosha abantu abagulayo uma befika ezikhungweni zethu. Yinto esingeke sikwazi ukuyenza ngokoMthethosisekelo.”

Uthe abantu ababhikishela abokufika ngokungemthetho baqinisile, kuyilungelo labo ngoba ezweni elinomthethosisekelo, ‘sonke sinelungelo lokuzwakalisa imibono yethu’. USimelane ube esecacisa ukuthi yena kanye nodokotela banesibopho sokuqinisekisa ukuthi uma umuntu ogulayo eza ezikhungweni zezempilo, kufanele baqinisekise ukuthi lowo muntu uthola ukwelashwa okufanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *