ZAMA MAJOLA
INyuvesi yaseZululand yenze ingqopha-mlando ngokwethulwa kwezikhungo ezintsha zesimanje esikhungweni sayo sase-Richards Bay nokuqanjwa koMnyango Wezobunjiniyela ngenhloso yokuhlonipha uNgqongqoshe wezeSayensi, nezobuchwepheshe, uSolwazi Blade Nzimande. Izakhiwo ezintsha ezingeziwe zihlanganisa isakhiwo sobunjiniyela esisha, imibhede emisha engu-442, iMadiba House elungiswe kabusha kanye neRichards Bay Lodge. UMnyango wezeSayensi uthe okunye okugqamile kulo mcimbi wukuhlonishwa kukaNgqongqoshe uNzimande ngegalelo lakhe kwezemfundo nentuthuko. “Njengomfana wakwaDambuza, ngangingakaze ngicabange ukuthi igama lami lizobhalwa ebhilidini lenyuvesi”, kusho uMnu. Nzimande.
Ethula inkulumo yosuku, uNzimande uthe ukutshalwa kwezimali kukahulumeni kwingqalasizinda kumayelana nokudala indawo yokufunda esezingeni lomhlaba. Ugcizelele ukubaluleka kokusungulwa komnyango wobunjiniyela esiFundeni saseMhlathuze, waphawula indima yezimboni kule ndawo njengekhaya lomshini wokuncibilikisa i-aluminium omkhulu kunawo wonke eNingizimu Nenkabazwe, indawo enkulu yokuthekelisa amalahle, kanye nokusebenza okubalulekile kwezimbiwa phansi, amakhemikhali, nokugaywa kwezolimo.
“Ngechweba laseRichards Bay lesi sifunda sinegalelo elikhulu kwezezimbiwa nezinsimbi, amakhemikhali, nokugaywa kwemikhiqizo yezolimo, konke okuyizisekelo ezibalulekile ekuthuthukisweni komnotho wakuleli, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi, ukuthuthukiswa kwamakhono, ukudluliswa kwezobuchwepheshe, nokuhwebelana kwamanye amazwe,” usho kanje. UNzimande wengeze ngokuthi ukuhlangabezana nalezi zidingo zomnotho kudinga amakhono ezobuchwepheshe kanye nokusungulwa kwezinto ezintsha. Ngakho-ke, isinqumo sakho sokwakha lo mnyango wobunjiniyela kulesi sifunda sinombono omkhulu. Uphinde wacela abafundi ukuthi bavikele izikhungo ezintsha. “Akumele nikhohlwe ukuthi lezi zakhiwo ezintsha ngezenu nezizukulwane ezizayo futhi ninomthwalo wemfanelo ofanayo wokuqinisekisa ukuthi zinakekelwa kahle”.
Lokhu kwenzelwa ukwenza isiqiniseko sokuthi, eminyakeni embalwa kusukela manje, izingane zakule ndawo ezisafunda amabanga aphansi namabanga aphezulu nazo zifike lapha konke kusami ngomumo ukuze zifezekise amaphupho azo ezifundweni.” – SAnews.gov.za

