ZAMA MAJOLA
U-Eskom uthi wenze ingqophamlando enkulu yokusebenza izinsuku eziwu-100 zilandelana ngaphandle kokucishwa kukagesi. Uthi lokhu kukhombisa ukuguquka okukhulu ekusebenzeni kanye nokukhula kokusimamisa ugesi waseNingizimu Afrika. Okhulumela uMnyango uDapne Mokwena uthe: “Le mpumelelo yakhela phezu kwerekhodi elingcono lenkampani ngo-2024, elathatha izinsuku ezingu-352 ngaphandle kokucisha ugesi, futhi lihluke kakhulu ezinsukwini ezingu-36 eziqoshwe onyakeni wezimali ka-2023/24″.
U-Eskom uthi inqubekelaphambili ihambisana ne-Generation Recovery Plan, eyethulwe ngoMashi 2023, kanye nemizamo engaguquki yamaqembu ayo ezobuchwepheshe. Kuze kube manje kulo nyaka wezimali (2025/26), amahora angu-26 kuphela okucishwa kukagesi aserekhodiwe, ngokusho kwe-Eskom, nezinsuku eziyi-144 zokulethwa kukagesi okungaphazanyiswa.
UMokwena uthe imiphumela iwubufakazi bokululama okuqhubekayo. “Lezi zinsuku eziyi-100 akuyona nje inombolo – kuwuphawu lokukhula kokuqina kukagesi waseNingizimu Afrika”. U-Eskom uphinde wabika ukuthi ukucima okungahleliwe kwehle kwafinyelela ku-6 035 MW – ngaphansi kakhulu komkhawulo obalulekile ongu-7 000 MW – izinga eligcine ukubonakala ngoSepthemba 2020.
Inhlangano ithi inhloso yayo akukhona nje ukugcina lo mfutho wokusebenza, kodwa ukusiza ukushayela izinguquko zesakhiwo kanye nokusheshisa ukushintshela kwezwe ekusaseni lamandla esimeme.

