UNyaniso Dotye bhushuzela ngizalelwe eBizana kwisibhendlela sasengreenvill ngokokuhlala ngokomsebenzi ngiseMthwalume esigodini sasemathulini ngizizwa nginentokozo enkulu kakhulu kangangokuthi nalaba ebebesifisela okubi bagcine sebebona ukuthi akudlalwa lana kuyasetshezwa.
Ngakhetha lomculo woKholo ngoba iZion ziyangibusisa uma nje kuke kwakhala izigubhu nanoma bengicabangani iyaphela yonke leyonto ngizizwe ngisesontweni, Umuntu osendimeni yomculo kumele alindele ukuthi uma ungazimiselanga emavoti amathuba okuphumelela mancane kanti uma kuzothi kuqalwa nawe uzimisele angeke uzisole uzophumelela ngamanani aphezulu. Eminyakeni emibili ngizibona sengizimele sekuyimisa osiza abathandi bomculo, Abalandeli bengalindela impumelelo nendumezulu yomcimbi engobabonga ngawo.
Ngikhuthazwa umculo wami into edala ngisho kanjena ingoba uma nje uMfundisi Mnqadi eke waphatha isigubhu wabiza ingoma ayi uyobona kahle akukhonoyedwa oyombona engazizwa wonke umuntu uvele azibone esesenkozweni. Ngibonga kakhulu umama uPat Nkonyeni ngokuba nenhliziyo enhle nothando angabinamona nokuthi ukusiza engabheke lutho athi ngifuna uphumelele kuphela mina angifune kwasenti ngizokusiza mahhala ngibuye ngibonge nobhuti Sbuh waku KZN Namuhla ayi uyawenza umsebenzi wakhe asoze umuzwe ediniwe uma engenzela into mhlampe iphephandaba uthi noma eseqedile ngibuye ngimhluphe ngithi kukhona abasele ngephutha avele angabinankinga athi khululeka mfethu sokwenzela ngibuye ngibonge uMfundisi Mnqadi ngokuthi angicebise ukuthi kumele ngenze amakhophi eDonation nginikeze I-Angels of God nangempela ngenze njalo awu zangimangaza izingane ngoba lento beziyenza ibingaphakathi kuzona ngibonge nabantu aphaphonsile iminikelo ngithi kukho konke abakufisayo makwenzeke ngaye uJesu Krestu.
Ngifisa ukuthola uxhaso lwe-uniform ne istrumen yomculo, Ubaba uMfundisi noMama uMnqadi okuyibona abasisizayo uma senza ipractice masizoya noma ikuphi nabo ngiyababonga kakhulu iningi indima abayidlalayo kuthina, abafisa sixhumane: 063 933 4467/ 078 049 7635 /078 301 3015 naku Facebook: Bhushuzela Dotye.

