Ikhansela elisha lakuWadi 64 eThekwini lilubeke obala udaba lwalo

ZAMA MAJOLA

UMnu. Norman Gilbert we-DA useyikhansela elisha kule Wadi ngemuva kokhetho lokuchibiyela obelushubile  mhla zingu-17 kuSepthemba. Iqembu lizuze amavoti angu-62.9% ewadini, okuhlanganisa iYellowwood Park, Woodlands neMontclair. Anyuke kusukela ku-55% amavoti iqembu elawathola okhethweni lohulumeni basekhaya  lwango-2021.

MK Party ithathe amavoti angu-1,141, ilandelwa yi-ANC ngamavoti angu-516. Bangu-5,074 abantu abavotile. UNorman Gilbert useveze umsebenzi wakhe njengekhansela lesigceme elisha. “Izakhamuzi seziqala ukuqonda ukuthi ukhetho lohulumeni basekhaya lumayelana nokuhlinzekwa kwezidingongqangi, wonke umuntu ufuna ukuba namanzi kompompi bakhe. Bafuna ukuba nogesi lapho bekhanyisa, futhi bafuna ukuba nemigwaqo ehlanzekile ngaphandle kwendle egelezayo kubo. Sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi konke lokho bayakuthola abantu”, kuchaza uMnu. Gilbert.

“Angilona ikhansela leqembu elithile labantu, ngiyakuqonda ukuthi kuneqeqebana elangikhetha langinika amavoti alo okungethemba kodwa njengoba ngihlezi kuleso sihlalo, ngimele wonke umuntu ohlala kuWadi 64” engeza. I-Ward 64 ingelinye lamawadi amakhulu eThekwini, inabavoti abangaphezu kuka-21,000.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *