ZAMA MAJOLA
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, usedlulisele izinsiza zemfundo ezibucayi ezikoleni zesifunda saseZululand, eqinisa ukuzibophezela kwesifundazwe ekwenzeni ngcono imiphumela yokufunda nokuqinisa ingqalasizinda yezemfundo. UNtuli, ehambisana noNgqongqoshe wezeMfundo uSipho Hlomuka, bavakashele uMasipala wendawo UPhongolo, lapho evule khona ngokusemthethweni izikhungo ezintsha waletha nezinsiza okuhloswe ngazo ukubhekana nezinselelo osekunesikhathi eside zikhona ezikoleni.
ESiqalukubona Secondary School, uNdunankulu wethule ilabhorethri yesayensi entsha yenani lika-R810 000, eklanyelwe ukuthuthukisa ukufundiswa kwezibalo nesayensi. Lesi sikhungo sizohlinzeka abafundi ngamakhono asebenzayo futhi sibalungiselele izifundo zemfundo ephakeme kanye nemisebenzi yesikhathi esizayo kwezesayensi, ezobuchwepheshe, kanye nokusungula izinto ezintsha.
UNtuli uphinde wanikezela ngamakilasi amabili angomahamba nendlwana nemoto ebiza u-R1 million esikoleni iSiphosethu Special School, okuwumsebenzi omiselwe ukudambisa ukuminyana, ukuthuthukisa ukufinyeleleka, nokweseka izidingo zokuhamba zabafundi abanezidingo ezikhethekile zemfundo. Lezi zinhlelo zilandela ukwethulwa kwezikole ezimbili ezisezingeni eliphezulu eNewcastle, okugcizelela ukutshalwa kwezimali okuqhubekayo kukahulumeni wesifundazwe kwezemfundo naphezu kwengcindezi yezimali. Enkulumeni yakhe, uNtuli ukuqinisekisile ukuthi uhulumeni ugxile ekuletheni imfundo esezingeni eliphezulu nefaka wonke umuntu ithemba futhi eqinisekisa ukuthi akekho umfundi osalayo.
“Yonke into esiyifaka kwezemfundo iwutshalomali lwekusasa laKwaZulu-Natal, lezi zikhungo zingaphezu kwezitini nodaka zimayelana nokubuyisa isithunzi, ukudala amathuba, nokwakha isifundazwe lapho yonke ingane, kungakhathalekile ukuthi isuka kuphi, inethuba elihle lokuphumelela,” kusho uNtuli.

