ZAMA MAJOLA
UMengameli uCyril Ramaphosa uzibophezele ekuthatheni izinyathelo ezifanele uma sekuphothulwe iKhomishini kaMadlanga. URamaphosa ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo neSABC ngezinto eziningi ezibucayi ezike zaba sematheni. Iphoyisa elikhulu eKZN, uLieutenant General, uNhlanhla Mkhwanazi wethule ubufakazi phambi kwekhomishini kanti usephinde wathinta amalungu ePhalamende, osomabhizinisi kanye namaphoyisa. Idlanzana labantu abasezikhundleni eziphezulu okubalwa kubo abameli, abomthetho kanye nabezamabhizinisi bayathinteka ebufakazini bakhe.
URamaphosa uthe le khomishana izobhekana nezindaba eziqhubekayo ohlelweni lwezobulungiswa kwezobugebengu, ikakhulukazi ukuziphatha kwamaphoyisa. "Le khomishana ibaluleke kakhulu, futhi izosiza ukubhekana nezinkinga eziningi ezikhungethe uhlelo lwethu lwezobulungiswa bobugebengu, ikakhulukazi uma kuziwa endimeni yamaphoyisa nalokho obekwenzeka lapho. Ngakho-ke, izinto eziningi zizoxazululwa, konke kuzokwenzeka obala, kuzothi lapho ijaji linginika umbiko emuva kwakho konke, lapho sizokwazi ukuhlolisisa konke kanye nezinyathelo esizothatha", kusho uRamaphosa.
"Ngakho ngezindlela eziningi, inqubo yeKhomishana kaMadlanga yinto engingayibiza ngokuthi izoletha uguquko. Izoholela ezinguqukweni eziningi ukuze umthetho uqiniswe ngendlela efanele ezweni lethu," engeza.

