Inhlangano ebizwa Wusiko Cultural ifuna kuqinisekiswe umlando ngeMargot Fonteyn Secondary School

Mpume Nguni Mnyawe

Margot Fonteyn Secondary School isikole esisendaweni yase-Klaarwater ngaphandle kwase Pinetown. Saze siqanjwa ngo-Margot Fonteyn yingoba umlando oxoxwa ngabaziyo uthi, intokazi emhlophe eyayidabuka eNgilandi, yafika kuleli njengomdansi we ballerina ohlonishwa umhlaba wonke. Ekuvakasheni kwayo kwavela uthando ayenalo ngabantu abamnyama futhi ezibona emnyama njengoba umama wakhe nomalume bakhe kwakuse Brazil. Wathi uma efika eThekwini wakha isikole esabe sesiqanjwa ngaye. UNksz. Margot Fonteyn kwakuyigama lakhe lasesiteji , owayeqalinjwe ngabazali igama u Margaret Hookham. Nguye owenza umdanso we Ballet nokutuswa kwabawenzayo eNgilandi, uhlonishwe umhlaba wonke.
Lesikole i-Margot Fonteyn Secondary School sesineminyaka engu-50 sikhona sasungulwa kodwa ke umlando obhalwe phansi awukucacisi lokhu, nokuyisizathu esenza i-Margot Fonteyn Academy yaseMelika naseNgilandi kucace. Inhlangano ebizwa Wusiko Cultural Organisation, ezinze khona lapha eMzansi yiyona ethenjiwe ngokuqinisekisa ukuthi lomlando uyabhaleka ngendlela nokuthi isikole siyazi ngemvelaphi yaso.


Abaqondisi benhlangano Wusiko Cultural, okungu Mr. John Ramaota ebambisene noMpume Mnyawe, bavakashele lesikole behamba noSbonelo Simelane onentshisekelo ukufunda kabanzi nge Historical Tourism njengoba iqhakambisa imilando,amasiko kanye nezindawo okuhlala kuzo abantu. Lelithimba livakashele esikoleni ukuyovuselela ubudlelwano obuphakathi kwesikole i-Margot Fonteyn secondary kanye ne Margot Fonteyn Academy yaseMelika. Ekufikeni kwethimba lamukelwe ngezandla ezimhlophe nguThishanhloko uMr. Mngadi nethimba lakhe uMr Ntombela kanye no Mrs Soni.


Ngonyaka ka-2019 omunye wabaqondisi beMargot Fonteyn eMelika, wavakashela kuleli wavakashela nesikole iMargot Fonteyn Secondary loMqondisi ogama lakhe uKen Ludden, uhambo lwakhe lwengamelwa yiyo lenhlangano Wusiko ilekelelwa iminyango yeTheku, njenge Hhovisi leMeya, iHhovisi lakwaMuhle Museum ngaphansi kwe- Arts & Culture and Recreation, iHhovisi le-International Governance and Relations kanye neHhovisi le-American Consul.


Osekwenzekile kokufika kuka Mr. Ken Ludden kungabalulwa ukuthi omunye wamalunga oWusiko Cultural Organisation, useseMelika iminyaka ecishe ibe ngu-6. UseMelika nje yingoba i-Margot Fonteyn Academy, yakhipha umfundaze weminyaka engu-10, ebiza inani lika-3 Million wamadola. Lokhu okusho ukuthi ubudlelwane buyaqhubeka lomfundi ongowokudabuka kuleli, uLungani Gwala, ongumdansi usefike emelika wawina umncintiswano wokudansa obizwa nge” Dance For The Stars”. Kumanje useqokelwe ukuba ngomunye wama”Executive” e- Academy eMelika.


UMnu. John Ramaota, waqokwa njengomqondisi wokuqala we Margot Fonteyn Academy e-Africa yonkana. Kumanje okumele aye-Arizona, eMelika ukuyokwamukela lesikhundla ngokusemthethweni.
Inhlangano, Wusiko Cultural isebenza kanzima ukuthola uxhaso eminyangweni ehlukene ikakhulu egcina amagugu nemilando ukuveza ulwazi ngemvelaphi yalesikole.
Okunye okubalulekile ngalesikole ukuthi eMelika, uMargot Fonteyn Academy iyabungazwa njalo ngonyaka, ngamagalelo akhe ekuthuthukiseni umdanso nobumbano osifiso ukuthi nakhona lapha eningizumu Africa, kube njalo ikakhulukazi iminyaka engu-50 mayibungazwe. Mukhulu umsebenzi owenziwa ngowesimame omhlophe ngesikhathi sobandlululo, nayo I Margot Fonteyn Academy okumanje isakhombisa intshisekelo yokuthuthukisa isikole nomdanso eMzansi kumele igama lakhe lime njalo.


Besingajabula uma kungagcina sekuvuleka nobumbano lwabafundi abafunde kulesikole, ukuze basilekelele kubhalwe iqiniso ngomsuka walesikole. Bangafaka negalelo kwintuthuko yaso. Okunye okumele kuqinisekiswe ukuthi siyi Secondary yokuqala eThekwini Metro abafundi bakhona kwiminyaka embalwa sisungulwe, babesuka ezindaweni ezifana noClermont, Tshelimnyama, Ndengezi nakwaSanti, lapho bekungekho imfundo esezingeni le- Secondary noma ngenxa yokuthi yiyo eyayiseduze nabo babehamba ngamabhasi abanye ngezinyawo ukuya esikoleni.


Siqoqa lomlando njena, sesiphenyile koThisha ababekhona sivulwa namanye amalunga omphakathi kanye nabafundi beminyaka sisunguliwe bonke bayavuma ukuthi isikole savulwa ngo-1975. Asimile lapho sivulelekile ukuthola obunye ubufakazi nakwabanye njengoba loluhlelo lokuvundulula ulwazi luqhubeka. Wusiko Cultural, ize yaqopha nezingxoxo nabambalwa abazi ngalesikole.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *