ZAMA MAJOLA
UMasipala weTheku uvuselele ubudlwelane bokusebenzisana nezikhungo zemfundo ephakeme ezinhlanu ezihamba phambili kuleli, ngenhloso yokuqinisa ukuzibophezela kwawo ekusunguleni izinto ezintsha, ukusebenzisana kanye nentuthuko ebandakanya wonke umuntu. Lesisivumelwano sisayinwe iMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba ngoLwesihlanu olwedlule. Lesivumelwano sokusebenzisana (Memorandum of Agreement) seminyaka emithathu sizoba phakathi kukaMasipala weTheku,iNyuvesi yaKwaZulu-Natal, iStellenbosch University, iNyuvesi yaseNingizimu Afrika, iDurban University of Technology kanye neMangosuthu University of Technology.
“Lolubambiswano phakathi kweTheku kanye nongoti emkhakheni wezocwaningo nezentuthuko kulamanyuvesi, luzokwenza ngcono umsebenzi wethu luphinde lusisize ekwenzeni ngcono umsebenzi weDolobha wokulethwa kwezidingo kubantu.” Esho. “ Lesi sivumelwano singaphezu kokuvuselela futhi siyinkomba yamandla okusebenzisana, umoya wokusungula izinto ezintsha kanye nokuzibophezela kwethu ekwakheni ikusasa elingcono ledolobha kanye nabantu balo.” kusho uXaba, oweleke ngokuthi lobudlelwano baqala ngonyaka ka-2011, njengendlela esemqoka yeqhinga lokuthuthukisa iDolobha.
UXaba uphinde wagcizelela ukuthi lokhu kusebenzisana phakathi kweTheku nezikhungo zemfundo kuyindlela yokwakha idolobha eliphumelelayo nelisimeme futhi elihlanganisa wonke umuntu. Municipal Institute of Learning (MILE) iyona eseqhulwini ekwenzeni izinhlelo zokubeka iTheku ebalazweni lomhlaba njengesikhungo sokuqeqesha. (municipal learning and innovation)
Ngenxa yeMILE iDolobha seliphenduke laba umthombo wokushintshana ngolwazi, ukuheha abaholi abangongoti kwezocwaningo kanye nabakwazi ukuletha ushintsho futhi bezimisele ukwenza ngcono impilo emadolobheni. Ubambiswano lolu luthuthukisa nxazonke. Izikhungo zemfundo ephakeme zilekelela kwezocwaningo, ukusungula amaqhinga amasha kanye nobungweti kanti ngakolunye uhlangothi uMasipala yena usiza ngonikeza indawo yokufunda ngomsebenzi, ukuxhumana nomphakathi kanye nolwazi lokwenza umsebenzi.

