Kulindeleke isikhumulo sezindiza sesibili eThekwini

ZAMA MAJOLA

ITheku libheka izinhlelo zesikhumulo sezindiza sesibili eNingizimu Afrika  ukuze kuthuthukiswe ezokuvakasha kanye nokuxhumanisa ezokuvakasha, ngokwesiphakamiso esavezwa ngesikhathi kuqhubeka i-Mayor Tourism Trade Stakeholder Engagement eyayisekuqaleni kukaSepthemba.

“UMasipala ubheka ukukhula kokutshalwa kwezimali ngaphakathi kwedolobha nakwamanye amazwe. Uphinde ubheke izindlela ezahlukene zokusebenzisa amathuba avela ngenxa yokukhula komnotho. Njengengxenye yocwaningo, uMasipala ubheka ukuthuthukiswa kwesikhumulo sezindiza sesibili eningizimu yeTheku. Kuyaziwa ukuthi izikhumulo zezindiza zisebenza njengento ekhuthaza ukukhula komnotho kamasipala,” kusho obekhulumela uMasipala weTheku uGugu Sisilana. Lokhu kuzosiza ekutheni abantu behlukane phakathi abanye besebenzise esinye isikhulumo sezindiza.

Kuzosiza nangezikhathi zoDisemba lapho iningi labokufika lisuke lizikhiphele khona eThekwini ukuzozijabulisa ngezindawo ezinhle nezihehayo ezikulendawo.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *