THOBILE MBATHA
Empeleni isifiso sami ukuthi ngikhuphule izinga likaMaskandi ngithathe lomculo ngiwubeke kwelinye izinga ngiyilomuntu okholelwa ekutheni izinhlelo enginazo ngingazi daluli kodwa zaziwa unkulunkulu wami kanye nengilosi engibhekile.
Ngifisa ukusebenzisana nawo wonke umculi okhona ophila ngaphansi komthunzi welanga noma ngabe umculi ovela komunye umhlobo womculo(Genre) ngoba mangicula ngisuke ngiculela wonke umuntu okhona ophila ngaphansi komthunzi welanga. Izifundo engizifundile ukuba ungalenzi iphutha lokuba ubukele omunye umuntu phansi, ngesimo sokuba ungamubona exakekile okwamanje kodwa awumazi sidalo ukuba ucabangani ngekusasa lakhe.
Okungalindelwa abantu abangesekayo nabakholelwa kimi ukuba izinga lami lomculo lizonyuka kakhulu ngiqhathanisa neledlule. Ingoma ephumile esihloko sithi “Ngikhulile” iyatholakala ndawo zonke zomculo noma ngabe uyibheka ko Sportify,YouTube, iMusic nako Amazon. Mawufisa ukuxhumana nami Call: 081 771 9173, WhatsApp: 066 145 1100 naku Email: ngqondongqondomusicproduction@gmail.com.

