Bantu bakithi anoqaphela ukwamukela kakhulu kubantu

Ngesinye isikhathi isitha asizi ngesikhali kodwa siza ngezipho, sanibonani sizwe sakithi . Bantu bakithi anoqaphela ukwamukela kakhulu kubantu, ezinye izipho ziza ngomusa kanti ziqukethe ukufa phakathi.

Kuhle ukwamukela khona kodwa ubozibuza kuqala  ukuthi ngowani lomusa akunikeza wona loyomuntu ubudlelwano bakho naye bunjani? Baningi abaphansi namhlanje abadluliswa yizipho abazamukela kanti bezithenga impilo yabo. Umuntu ufika akwenzele into enhle kanti uyakuthenga ukuze kusasa akuphendule isigqila sakhe ngento ezomfakela inzuzo bese iba ingozi empilweni yakho.

Abanye beza nezipho ezizothenga ukwethembeka ebese uyakhululeka umtshela yonkinto ngempilo yakho bese athole amandla wokukugadla, Zibuze imibuzo ungakamukeli zonke izipho ezisuka kubantu

Obhalayo uKatlego Nare.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *