ZAMA MAJOLA
UNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo, uSiviwe Gwarube, usenxuse abafundi beSitifiketi Sikazwelonke SeMatriki sika-2025 (i-NSC) ukuthi benze izivivinyo zabo zokuphela konyaka ngokwethembeka, ubuqotho nangoku zibophezela. Ekhuluma eMcimbini Kazwelonke Wokusayinwa Kwesifungo Sesitifiketi Esiphezulu obubanjelwe eHarry Gwala High School eKhayelitsha, eKapa, uGwarube uthe lesi sifungo simele umzuzu wencazelo ejulile kubafundi baseNingizimu Afrika yonkana. “Kunginika ukuziqhenya okukhulu kanye nenjabulo ukuba nami namuhla, njengoba sihlangene ukuze sibone umzuzu onencazelo ejulile kuwo wonke umfundi ezweni lakithi — ukusayinwa Kwesithembiso Sikazwelonke Sesitifiketi Semfundo Ephakeme,” kusho yena.
Ekhuluma nekilasi lika-2025, uGwarube uncome abafundi ngokukhuthala kwabo iminyaka engu-12 befunda wabe esebanxusa ukuthi babhekane nezivivinyo zabo ngobuqotho.
"Ubunqobile ubunzima nokungaqiniseki, futhi manje umi emngceleni wesinye sezikhathi ezibaluleke kakhulu ekuphileni kwakho kobusha. Njengoba ulungiselela ukubhala izivivinyo zakho zeSitifiketi Semfundo Ephakeme Sikazwelonke, uzothatha isifungo namuhla esizibophezela ukuthi ubhekane nalesi senzakalo esiyingqopha-mlando ngenhlonipho nangobuqotho," kusho yena. Ukhumbuze abafundi ukuthi ubuqotho busho ukwenza okufanele, noma kungekho obukayo. Wathi: “Ubuqotho bungenye yezimfanelo ezibaluleke kakhulu umuntu angaba nazo, kusho ukwenza okulungile ngisho nalapho kungekho muntu okubukayo. UGwarube ugcizelele ukuthi lesi sithembiso akusona nje isithembiso thizeni, kodwa isinyathelo esibalulekile sokuvikela ukwethembeka kohlelo lwezemfundo lwaseNingizimu Afrika.

