ZAMA MAJOLA
UNgqongqoshe wezoLimo KwaZulu-Natal, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa wethule umkhankaso wokuthuthukisa imisebenzi yokulima. Lolu hlelo beluholwe e-Underberg. Udlulise ukuthi lo mkhankaso osanda kwethulwa wenkathi yokutshala uzosiza ekudaleni amathuba emisebenzi embonini. Waphinde wagcizelela ukuthi kuhloswe ngawo ukugqugquzela ukulima nokuthuthukisa ukutholakala kokudla.
UNgqongqoshe ube esethi enye yezinselelo ezinkulu umnyango wakhe obhekene nazo ukuthi abanye abalimi basebenzisa ukwesekwa nguhulumeni kuphela ukuze bazidlise bona. Wengeze ngokuthi ufuna bagxile ekulimeni njengebhizinisi bakhulise amabhizinisi abo. "Kuhle ukuthi uqale okuthile, ngikholelwa ekuzisizeni nasekuzimeleni bese nithi yizithukuthuku zami lezi. Silapho sikhona ayi ngoba sisizwa wuhulumeni" usho kanje.

