Umlilo ubhubhise izimpahla eMlazi Famous Ice Cream Kwa-Q

ONGEZIWE NTONDINI

Umlilo ongakacaci kahle ukuthi uqalwe yini ugqogqise indawo edume ngama-ice cream nokudla e-Umlazi Kwa-Q, kwasha izimpahla eziningi zokusebenza.

Umnikazi wale ndawo, uNkk. Thabi Makhathini uthe, umlilo ushise izitofu, ama-gas, ama-umbrella, ama-banners, ama-grass mats kanye nenqwaba yamabhokisi ama-ice cream tubes. “Ngangisanda kuhamba ngibuya ekhaya ngesikhathi ngithola ucingo oluvela komunye wabasebenzi ethi umjondolo uyasha. Nabo bebengazi ukuthi uqale kanjani, bezwe sekumemeza amakhasimende ngaphandle.” kusho uThabi echaza lesi sigameko.

Nakuba impahla ebalulekile ishe yanqonqa, uMakhathini uthe bayabonga kakhulu ukuthi akukho muntu olimale kulesi sehlo. “Siyabonga kakhulu nakomakhelwane bethu abaphume ukuzosiza ngesikhathi umlilo uqala. Okwamanje sidayisa ama-takeaway ngoba ukuvala ngeke kusisize ngalutho kumele siqhubeke nokusebenza ukuze sikwazi ukwakha  kabusha,” kusho yena.

Abahlali baKwa-Q bathi lesi sigameko sibahlukumezile ngoba indawo le ibalulekile emphakathini, ikakhulukazi kubantwana nabasha abavame ukuvakashela lapho bezothenga ama-ice cream. “Siyethemba ukuthi uzothola usizo ngokushesha ukuze abuyele ngokuphelele ebhizinisini,” kusho omunye wabahlali.

Kusolakala ukuthi umlilo uqalwe yiphutha likagesi noma isiphakeli segesi kodwa amaphoyisa kanye nabahloli bomlilo (fire department investigators) basazophenya ukuze kutholakale imbangela esemthethweni.

Le ndawo, i-Umlazi Famous Ice Cream Kwa-Q, ibiyindawo edume kakhulu endaweni, ikakhulukazi ngezinsuku ezifudumele lapho abantu abaningi bephumula khona. Lokhu kubonisa ukubaluleka kwamabhizinisi amancane emphakathini kanye nezingozi abhekene nazo, okuhlanganisa umlilo nokushoda kwezinsiza zokuphepha.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *