ZAMA MAJOLA
UNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme nokuQeqesha, uMnu. Buti Manamela, uthe ibhodi leNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) selisebenzise izinhlelo ezintsha zokuvimbela inkohlakalo nokuqinisekisa ukuthi abafundi bathola izibonelelo zabo ngesikhathi ngonyaka ozayo.
UManamela uthe izinkinga zokuphazamiseka kwalo nyaka ziphoqe uhlelo lokuxhasa abafundi ukuthi luqinise ukulawula nokuthuthukisa izikhathi zokushintsha. Wengeze ngokuthi sekusungulwe nendlela entsha yokuxhasa ngezimali ukubhekana nokushoda okukhona onyakeni wokufunda ka-2025. “Ngokubeka kabusha izimali ezibalulekile phakathi kwezinsiza ezikhona ezingu-13.3 billion zokuxhasa abafundi abangu-34,000 abavinjiwe ukubhalisa nokubhaliswa kwe-semester yesibili kwabafundi abangu-15,000.
Abaningi balaba ngabafundi base-UNISA. Abahlinzeki bezindawo zokuhlala ezithintwe yilokhu okungenhla nabo bazokwazi ukuthola inkokhelo ngezinsiza abazinikezele. UManamela uthe ziyaqhubeka izinhlelo zokusungula amahhovisi ezifunda ze-NSFAS. U-NSFAS unweba umkhondo wawo ngokusebenzisa izikhungo zosizo ezitholakala endaweni kanye nezifunda, ukuze nalabo abasezindaweni zasemakhaya bakwazi ukuthola usizo eduze nasekhaya.

