I-ANC ithi isiqalile ibuyisa ukwethenjwa ngumphakathi

ZAMA MAJOLA

I-ANC ithi amaqhinga ayo okuvuselela ayadlondlobala, ikhomba iKhomishini kaMadlanga yophenyo njengobufakazi bokuphendula ngokushesha kwabathintekayo. Okhulumela i-ANC kuzwelonke, uMahlengi Bhengu, uthe iqembu liyazama ukubuyisa ukwethenjwa ngumphakathi kanye nokuzinza enhlanganweni.  Lokhu ukudlulise ekhuluma ne-SABC News kumgubho weminyaka eyikhulu yokuzalwa kwengqalabutho yephathi u-Doctor Tlou Cholo e-TUT Soshanguve enyakatho yePitoli. 

“Kusho ukuthini lokhu ku-ANC nakubaholi bayo bamanje? Kusho lukhulu, kusho ukuthi empeleni ukuvuselelwa sekuyasebenza futhi kuyadlondlobala. Ubungeke ube neKhomishini kaMadlanga nokusungulwa kwesikhashana ephalamende ukube besingenawo umnyakazo oqinile wokuvuselela i-ANC, senza ngakho konke okusemandleni ukuze kuvuselelwe ukuthenjwa ngumphakathi kanye nazo zonke izikhungo zombuso, okuhlanganisa nephalamende”kusho uBhengu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *